PHUMLANI GAMA
BETHULWE nezethembiso ngeSonto – emuva kwengqungquthela ebiseNewcastle kusukela ngoMgqibelo – ubuholi beNFP KwaZulu-Natal.
Leli qembu liqale le ngqungquthela kunezinhlangothi ezimbili ezisembangweni wokulihola.
Kugcine kuphakanyiswe ngo-elethu uhlangothi oluholwa nguNkz Mbali Shinga, ongusihlalo, emuva kokuhoxa ngemizuzu yokugcina kohlangothi lukaMnu Sibusiso Mkhabela.
Ekhuluma naleli phephandaba uNkk Zodwa Mtshali, ongunobhala omusha weNFP esifundazweni, uthe ubuholi obuphakanyisiwe bunqume ukuhamba ezinyathelweni zomsunguli waleli qembu, uNkk Zanele Magwaza-Msibi (ongasekho).
Uthe isifiso sabo wukukhulisa leli qembu, lisatshalaliswe ezingxenyeni eziningi zesifundazwe.
“Sizimisele ngokusebenza ngokubambisana nazo zonke izinhlaka zeqembu.
“Ukuhlala kwengqungquthela yesifundazwe kucacisa ngokusobala ukuthi akusekho ukubuyela emuva, ngoZibandlela (December) izohlala ingqungquthela yokukhetha ubuholi bukazwelonke.
“Sizogxila kulesi sifundazwe ngoba iKwaZulu-Natal yiyona eyisizinda seqembu.
“Iqembu sizolifaka kuzona zonke izindawo esifundazweni ukuze senze umehluko,” kusho uNkk Mtshali.