Impilo inezimfihlakalo ongeke wazazi ukuthi zenzeka nini, ingakho kukhona umkhakha womshwalense ongakwazi ukukuvikela. Ngokuthatha umshwalense obizwa “iBond Protection Cover” ugcina umuzi wakho uvikelekile, ungadliwa ababolekisi bezimali zezindlu.
iBond Protection Cover, umshwalense okusiza ukuthi ukwazi:
1) Ukuqeda isikweletu sendlu esisele uma usudlulile emhlabeni noma ulimale ngokukhubazeka ngokomsebenzi okungalapheki, noma
2) Ukukhokhele ingqxenye yesikweletu sendlu uma ulahlekelwa umholo, ngenxa yokumiswa emsebenzini noma ulimale wakhubazeka ngokomsebenzi okwesikhashana.
Ababolekisi bezimali zendlu bangakwenza kube impoqo ukuthi uthathe iBond Protection Cover phambi kokuba bakunike isikweletu sendlu. Uma umbolekisi wezimali zezindlu engakuphoqi ukuthi uthathe iBond Protection Cover, uyagqugquzelwa ukuba uwuthathe ukuze uvikele ukulahlekelwa umuzi wakho.
Uma uthatha iBond Protection Cover qinisekisa ukuthi uyabuzisisa ngemigomo nemibandela yakhona, nokuthi ikuphi okulindelekile kuwena, kanti futhi uyakuthola yini ukuvikeleka okufanele njengoba lomshwalense uhlukene ngabadayisi bawo.
Uma uthatha iBond Protection Cover akujwayelekile bakuphoqe ukuthi uhlolwe ngokwempilo, kodwa lokhu kuzodala ukuthi kubekhona izimo abangeke bakuvikele kuzo. Uma uthathe iBond Protection Cover imali ikhokhelwa ababolekisi bezimali zomuzi wakho uma usanesikweletu. Uma unomshwalense wempilo ungabhekelene kuphela nesikweletu somuzi, kukekudingeke ukuthi unikezele ngamalungelo akho alowomshwalense kumbolekisi wezimali zezindlu njengesiqiniseko sokukhokhela isikweletu.
Wonke umuntu obhalisiw e kwisikweletu somuzi uyakwazi ukubhaliswa kwiBond Protection Cover ukuze kuvikeleke abathembele kubona nabantu ababambisane nabo kwisikweletu somuzi. Kuke kubukwe iminyaka yakho, isikweletu osithathile, iminyaka ozokhokha ngayo isikweletu, nezigameko ovikeleke kuzo, ukuze kubalwe imali ozoyikhokha nyanga zonke kumshwalense wakho. Kwesinye isikhathi kuphinde kubhekwe ubulili bakho, nokuthi usebenza umsebenzi onjani noma uyabhema yini.
Qinisekisa ukuthi asidluli isikhathi eside ungawatholanga amaphepha esivumelwano somshwalense wakho, uma usuwatholile ufundisise kahle yonke imniningwane ebhalwe kuwona. Uma kukhona ongakuqondisisi kahle, xhumana nomdayisi womshwalense wakho umcele ukuthi akuchazele kabanzi futhi.
Okuqoshwe lapha akusiso isiyalo sezimali kodwa kuhlose ukunika ulwazi oluphecelezi mayelana ne“Bond Protection Cover”.
Uma unesikhalo ngomshwalensi wakho, qala ngokuxhumana nabantu bomshwalensi nizame ukuxazulula indaba. Uma kwehlula lokho, ungababhalela kwa-Ombudsman, bazokusiza ngosizo olumahhala, olusheshayo futhi olungathathi ‘nhlangothi.
FAIS OMBUDSMAN DETAILS
POSTAL ADDRESS: PO Box 74571, Lynnwood Ridge, 0040
TELEPHONE: 012 470 9080 or 0860 324 766
FAX: 012 348 3447
OMBUDSMAN FOR SHORT TERM ASSURANCE DETAILS POSTAL ADDRESS: PO Box 32334, Braamfontein, 2017 TELEPHONE: 0860 726 890 FAX: 011 726 5501