budla lubi ubugebengu bokushiswa kwezikole e-gauteng

1251

MTHOBISI SITHOLE

ESINYE sezikole ezingqongqiswe ngomlilo eGauteng njengoba kuvalwe ukusebenza kwezwe. 
ISITHOMBE: SITHUNYELWE

ZIBHUBHILE izikole esifundazweni iGauteng zicekelwa phansi, njengoba izwe livaliwe ukuzama ukugwema ukusabalala ngamandla kweCovid-19

Kusolakala ukuthi izinswelaboya zithole ithuba lokusina zizibethele, kwazise zingaphezulu kuka-20 izikole ezilinyaziwe eGauteng selokhu izwe ligonqile emasontweni amabili adlule. 

Izolo ngoLwesithathu kungqongqiswe ngomlilo iSoshanguve High kanti ezinye zigqekeziwe, kwantshontshwa ukudla okuphekelwa abafundi nempahla yesikole.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uMnu Steve Mabona, utshele ILANGA ukuthi ziwu-22 izikole ezicekelwe phansi kanti inqwaba yazo ishisiwe. 

Uthi namanje basadidekile ukuthi yini imbangela yokuthi umphakathi wokhele ngomlilo izikole.

“Kubuhlungu ukuthi ngesikhathi esinzima kangaka kubekhona abantu abasebenzisa leli thuba ukucekela phansi imfundo yabantwana. Lezi zigameko zizokuba nomthelela omubi kakhulu njengoba kuthathwe nokudla kwabantwana,” kusho uMnu Mabona.

Uthi banethemba lokuthi ngokubambisana okuhle nabomthetho kuzonqandeka lokhu okwenzeka eGauteng. 

Unxuse umphakathi ukuba ungazithengi izimpahla ezintshontshiwe. Uveze nokuthi banethemba lokuthi amaphoyisa azokwenza okusemandleni ukuqapha izikole njengoba kubhoke ubugebengu.

Ezikoleni ezicekelwe phansi kubalwa iMofolo Primary, iTsoko-dibane Primary, iBeverly High School, iKatleho, Impumelelo Primary, iDinokaneng Secondary, iPhuthanang Primary, iLotus Gardens Secondary, iMakhosini Secondary, iNonto Primary, Isi-phiwo Primary, iBervelly Primary, Ikokobetse Primary, i-Atlehang Primary, iPholosho Primary, iCaiphus Nyoka Secondary, iTlakula Secondary, iTembisa High School, iLeondale Secondary. 

Izikole ezishisiswe zingaphezulu kwezine. 

UNgqongqoshe wezeMfundo kulesi sifundazwe, uMnu Panyaza Lesufi, uzigxeke kakhulu lezi zigameko, wathi umphakathi mawubambisane ekulwisaneni nalesi sihlava. 

Uthe eSoshanguve High kungqongqiswe ibhilidi eliqukethe imininingwane ebalulekile yesikole nezinsiza kusebenza eziningi.

“Isikole yindawo ebalulekile yokwakha isizwe. Izephulamthetho siyafisa zibhekane namacala azo,” kusho uMnu Lesufi.

Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uCapt Mega Ndobe, uthi lezi zigameko ziphenywa kuzwelonke.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleIso leBucs kumgadli weMaritzburg
Next articleUbizwe ngomdayisi oshuthe iGcokama