EkaNtencane ihlose ukuziqophela umlando kowamakhwaya

376

LUCKY CAIN

IHLOSE ukuziqophela owayo umlando emncintiswaneni kamabonakude, iClash of the Choirs, ikhwaya yaKwaZulu-Natal, eholwa yintandokazi kamaskandi, uSenzo “Ntencane” Zondi njengoba kusasa kuzobe kumenyezelwa ikhwala edle ubhedu. Lo mcintiswano uvezwa kuMzansi Magic (channel 161) ngo-18h00.

IKwaZulu-Natal isiwunqobe kabili lo mncintiswano osekungokwesine wenzeka. Kwanqoba ikhwaya eyayiholwa nguRobbie Malinga neyayiholwa nguKhaya Mthethwa. IMpumalanga yanqoba nekhwaya kaJR. 

Ekhuluma neLANGA uNtencane, uthe okuseqhulwini kubona wukuziqophela owabo umlando kulo mncintiswano. 

“Kasifuni ukubheka ukuthi amanye amakhwaya aKwaZulu-Natal enza kanjani, kodwa okwethu wukuthi siziqophele owethu umlando futhi singagcini kulo mncintiswano, siqhubeke noma usuphe-lile,” kusho uNtencane. 

UNtencane ungumculi wokuqala kamaskandi ukuhola ikhwaya kulo mncintiswano. Utshele leli phephandaba ukuthi nakuba ecula umaskandi, kodwa ungene emculweni ecula i-gospel

“Yilapho ngithole khona ulwazi oluncane ngomculo, kodwa bengingazi lutho ngamakhwaya,” esho. 

Uncome amalungu ale khwaya wathi okubenze bahluka kunamanye – akwezinye izifundazwe – wukubambisana ababe nakho kusukela uqala umncintiswano kuze kube bafinyelela kowamanqamu.

 lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleKujame impilo kufa “iwele” likamazisi
Next articleUmama Webhantshi ubhece unina “kolwemali yegazi”