EyaseKZN engcupheni ‘yokuchithwa’ yiPSL

1205

Kuthiwa iRoyal Eagles kayizigcinile izimfanelo

SENZO SOKHELA NOMFANAFUTHI NDLOVU

U-IRVIN Khoza ongusihlalo wePSL.

ISENGCUPHENI yokushaywa ngesithende ikilabhu yaKwaZulu-Natal, iRoyal Eagles njengoba kuvela ukuthi yiyona kuphela emakilabhini awu-32 engakazigcini izimfanelo ezimqoka ukuze kuqhubeke imidlalo ngokuphepha kwiCovid-19.

USihlalo wePremier Soccer League (PSL) u-Irvin “Iron Duke” Khoza uqede ukuqagela ngebhola lakuleli ememezela ngoMsombuluko ukuthi imidlalo izoqhubeka kusukela ngoMgqibelo womhla ka-8 kuNcwaba (August). 

Kuzoqala imidlalo yama-semi final eNedbank Cup bese kuthi ngomhla ka-11 kuqhubeke eyeligi.

Nokho wonke amakilabhu ayalelwe ukuba ahlole abadlali bawo ngaphambi kokuba ayohlangana eGauteng okuyilapho kuzoqedelwa khona yonke imidlalo. 

Kuthiwa amakilabhu awu-31 asezigcinile zonke izimfanelo ngaphandle kwe-Eagles egijima kwiGladAfrica Championship eholwa nguSbu Mpisane. 

Nakuba uKhoza engazange akuveze ukuthi iyiphi le kilabhu engakazigcini izimfanelo kodwa ukuqinisekisile ukuthi iyodwa vo.

“Ngokombiko esiwutholile wonke amakilabhu azigcinile izimfanelo ngaphandle kweyodwa. Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi uma ungazigcinile izimfanelo sizokushaya ngesithende (kule midlalo yokusonga isizini),” kusho uKhoza.

I-Eagles ihaqwe yizinkinga njengoba abadlali bayo bephumele obala ukuthi abaholi. Kuthiwa selokhu kuvalwe izwe kabatholi ngisho indibilishi. Abanye kuvela ukuthi bayayibopha le kilabhu. Kumanje kayinamqeqeshi njengoba inkontileka kaMilton Dlamini ingazange ivuselelwe. Naye kuthiwa ubengaholi. UMorgan Mammila obeyisikhulu esiphezulu kule kilabhu usulile wajoyina iChippa United.

Abadlali be-Eagles kuthiwa kabazi kwakwazi ukuthi kwenzakalani. Eziphendulela uMpisane, uthe kakukho mdlali angamholele. Uthe usebaholele bonke abadlali abayingxenye yekhempu elungiselela ukuqala kwemidlalo ngenyanga ezayo.

“Ngingamholela kanjani umdlali ongekho ekilabhini, ongajimi, ohleli kubo? Phela bekungekho midlalo. Umthetho wakuleli uthi nxa ungasebenzanga kawuholi. Ngifuna umdlali othi usebenzile akaze ahola angilethele ubufakazi bomsebenzi awenzile,” kusho uMpisane ngomoya ophansi.

Previous articleKundize amadilozi bebhikishela “umalugaju”
Next articleUkhale ngamakhaza washona “uMgijimi”