NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI
HHAYI bazalwane, sebengacasuka nje abalandeli beKaizer Chiefs uma siphawula ngesimo sale kilabhu esifana nesephara elihlale lithola isimbamba elokishini.
Ngeke-ke sithule bakwethu. Phela ngeke uxoxe umlando weNingizimu Afrika – usuke nawo eCape Agulhas, eWestern Cape, uze uyofika e-Overvlakte Farm, eLimpopo – uze uwuqe ungakhulumanga ngeChiefs.
Phela iMpofana ifana ncimishi ne-EFF, yintwana eyavele yafika egemini, kwajik’ izinto.
Ngaphandle nje kwalokho, kungabe kusho ukuthi umlando wakuleli awuwazi, futhi unomona nenhliyo embi egqize nge-reserve aorta artery ewu-XL.
Uyabona iChiefs isidinga uBhedlindaba “VVO” Mkhize, ayihlaziyele isimo sayo.
Phela kuyacaca manje ukuthi inkinga isemsamo.
Niyobashintsha abaqeqeshi kuhle kukaMarie Antoniette – isedeleli sendlovukazi yaseFrance – eshintsha izicathulo, ngeke nisizakale.
Isimo seChiefs sifana ncimishi nesengane obekubuswa kubo, uyise wafa wahamba nombuso wakhe awuthola esizibeni
saseNigeria.
Phela iChiefs esiyaziyo thina, yayiqoba kwasani, iwina izindebe sengathi yingane enomona idlala yodwa.
Into eyenzeke ngoMgqibelo idliwa yiLamotville Golden Arrows – sibabongele abafana bakadadewethu, uMato Madlala – ikhomba ngokucacile ukuthi umkhuba usemsamo, eNaturena.
Uyazi kuthi mangibabaze nge-tone yoMntwana waKwaPhi-ndangene, uMan Go Sooth Boothless – iNkosi ibusise umoya wakhe – ngithi yehheeeeeeni!
Phela ibuhlungu le nto yokuthi i-brand enkulu njengeChiefs iphenduke inhlekisa amasonto elandelana.
Amaphuzu kwiChiefs kuyasavunwa nje, ungathi yisesitolo seNdiya kunendali!
Ake nibheke umsamo makhosi amahle. UBhedlindaba ubezo-nikhumbuza ukuthi nina nake nalwa ne-Orlando Pirates kwachitheka igazi.
“Ngabe naligeza lelo gazi, nihlanza lo msebenzi oyiKaizer Chiefs enawuphiwa ngamathongo enu?
“Ngabe isililo sikababa uChina Ngema sagcina sibhuliwe? Bhekani umsamo,” sekubuza uKhabazela ehlaziya.
Bengimane ngisika elisekho-neni nje Makhosi amahle ngoba siyazwelana nani.
Angazi ngoba nezase-Orlando zahamba zayokhuluma o-por favor le eSpain – ziyolungiselela ukuqala isizini – zathi zizobuya ziwubhememe, kodwa hhayi, kuyala.
Amaphuzu ayazishalazela.
Hikhensile ngopfu ma-Afrika!