INTATHELI YELANGA
INKAMPANI yezokudla iSakeliga seyisabise ngokuthathela izinyathelo zomthetho uNgqongqoshe woMnyango wezokuHwebo nezeziMboni, uMnu Ebrahim Patel (osesithombeni), ukuba ajikise umyalelo asanda kuwumemezela wokuyekwa kokukhiqizwa kokudla okuvuthiwe.
“Sesitholile ukuthi kayikho imigomo esemthethweni evimba ukukhiqizwa kokudla okufudumele nokuphekiwe njengoba ungqongqoshe nomnyango wakhe besivalile ukuqhubeka nokukukhiqiza,” kusho uMnu Piet le Roux oyisikhulu esiphezulu eSakeliga.
Uthe le nkampani izimisele ngokufaka ungqongqoshe enkantolo uma engazimisele ngokuthambisa imithetho ngoba lesi sinqumo abasithathile sibonakala singekho emthethweni futhi sizolimaza imboni ekhiqiza ukudla okufudumele nokuphekiwe.
Uthe le nkampani isinikezele uMnu Patel unqamlajuqu othi uma kushaya u-9 wasekuseni namhlanje ngoMsombuluko engakushintshile lokhu, baqhubekela enkantolo.
UMnu Le Roux, uthi iseluleko sezomthetho abasitholile siyaphambana nalokhu okushiwo ngungqongqoshe.
“Izincomo esizitholile ziyaphikisana nemiyalelo kangqongqoshe njengoba kuvela ukuthi kayikho imithetho ephambana nokukhiqizwa kokudla. Okusikhathazayo wukuthi kunabantu abazenzela imithetho ngokuhamba kwesikha-thi nangokuthanda kwabo nje, ngaphandle kokulandela imigudu efanele,” esho.
Ezinkundleni zokuxhumana bekusabalele isitatimende okuthiwa sibhalwe yinkampani iWoolworths, nayo ebeyikhala ngokuva-lwa kwamakhishi akhona akhiqiza ukudla okuphekiwe.