Eyokubulawa kuka-AKA ivuse ulaka ngobugebengu

474

Izinhlaka ezahlukene ziphawule ngobumqoka bokuyisukumela

BHEKI NDLOVANA

INKIYANKIYA yokungalawuleki kwezinga lobugebengu eNingizimu Afrika isiphinde yahlala obala emuva kwesigameko sokubulawa komculi odumile wakuleli uKiernan Jarryd Forbes odume ngelika-AKA. Ukubulawa kwakhe ngoLwesihlanu ebusuku kukhumbuze abaningi ngale nkinga izwe elibhekene nayo yokugingqika kwabantu bebulawa kuhle kwezimpukane. U-AKA kubikwa ukuthi udutshulwe washona ephuma endaweni yokudlela eseThekwini kuFlorida Road, ehamba nasondelene kakhulu naye uTebello “Tibz” Motsoane. Isigameko sokubulawa kuka-AKA siphinde sakhumbuza abaningi ngokushona kuka-Anele Tembe owayeyingoduso ka-AKA.


U-Anele washona ngendlela engaqondakali eCape Town ngonyaka ka-2021. Kwabikwa ukuthi wawa esuka phezulu ebhilidini lehhotela iPepperclub elisenkabeni yedolobha eCape Town. Leso sigameko sokushona kuka-Anele saqubula izinsolo ezahlukene, kwashaywa amakhala ngaso.Kusukela kubulewe lesi sihlabani, kudingidwa ngendaba yezinga eliphezulu lokubulalana ezweni lonke, kanye nokuxhaphaka kwezibhamu emphakathini. “Ubugebengu eNingizimu Afrika abusalawuleki, nokubulawa kwabantu sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba,” isho kanje i Economic Freedom Fighters (EFF) iphawula emuva kwalesi sigameko.


UMnu Mkhuleko Hlengwa okhulumela i-IFP kuzwelonke uthi izwe lehlulekile wukulwa nobugebengu, futhi kusobala ukuthi ukwanda kwezibhamu ezigebengwini yinto okumele ikhathaze wonke umuntu. Uthi ukuthungathwa kwalezi zibhamu ezigcwele emphakathini kumele kusheshiswe. UMnu Hlengwa uthi beyi-IFP bashaqekile futhi badangele ngokubulawa kabuhlungu esikhishwe yihhovisi lakhe, uthe abezomthetho kumele basukumele phezulu, kubanjwe abahlaseli ukuze babhekane nengalo yomthetho. “Isifundazwe sethu ngeke simataniswe nababulali abasoconga abantu abangenacala bese bengajeziswa (ababulali),” kusho uNkk ngokubulawa kuka-AKA ukuba baphumele obala.


Ithi umbulali ongenanembeza owenze lokhu ungumngani wothile, ungumnewabo wothile futhi ungumakhelwane kothile, kanti ngaphezu kwalokho uyilungu lomphakathi. Iqhube yathi kuliqiniso ukuthi abantu ababandakanyeka ebugebengwini bayaziwa ngamalungu athile omphakathi. Ithi akumele kuvunyelwe umuntu oyedwa ahlaze isizwe sonke. Ithi umkhuba wokuphunyuka kwezigebengu zingajeziswa, kanye nombono wokuthi impilo ilula ejele kudinga ukubhekwa ngeso elibukhali. Ithi ubugebengu bungenye yezinkinga ezinkulu izwe elibhekenenazo kusukela kwatholakala inkululeko ngo-1994.

Previous articleImfihlo behlanganisa iminyaka ewu-40 emshadweni
Next articleUSUTHU LUDLULELE KWI-LAST 16 YE-NEDBANK