Eyokususwa ejele “iqulekise” uMagudumana

323

THANDOLUHLE NGUBO

KUVEZWE “eyokuquleka” esitokisini kukaDkt Nandipha Magudumana (osesithombeni) njengesizathu sokuthi angalubhadi eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein namhlanje ecaleni abekwe lona nesinqandamathe sakhe, uThabo Bester nabanye abawu-10 abasolwa nabo. Leli cala  limayelana nokweqa kukaBester eJele laseMangaung ngoNhlaba (May) nyakenye.

Icala liqale emuva kwesikhathi. Ummeli kaDkt Magudumana uveze ukuthi imbangela yokuquleka kwakhe wukususwa ngenkani ejele abegcinwe kulo yize ebezitshelile iziphathimandla ukuthi akaphilile.  

Lize laqala uMagudumana nommeli wakhe bengabonwa. Selingenile, umbuso uwahoxisile amacala abebhekene noNastassja Jansen, uThabang Mier noMoeketsi Ramolula, ababeyizisebenzi zenkampani yonogada, iG4S eyayigada ejele okweqa kulo uBester. Inkantolo iveze ukuthi icala lithuthelwa eNkantolo eNkulu yaseBlomfontein kanti liyoqala ukuqulwa ngomhla ka-21 kuNhlolanja (February) 2024.

Previous articleKushiywa nezeluleko emanyuvesi ngeGcwalisa All-White
Next articleIkuphindile lokho i-EFFSC eMangosuthu