Ezibuhlungu kuLepasa eshweba ithuba ngenxa yokulimala

331

SENZO SOKHELA

EZIBUHLUNGU kumgadli we-Orlando Pirates, uZakhele Lepasa (osesithombeni), ephuthwa yingqayizivele yethuba ngenxa yokulimala iqakala. Kulindelwe ukuthi abuye ngasekupheleni kwenyanga ezayo uMandulo (September). 

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi lo mdlali ubeneshwa njengoba ukulimala kumuphuthisele ngethuba lokuyodlala eli-gini enemali econsisa amathe, iSaudi Pro League. Leli phephandaba lithole ukuthi uJosef Zinnbauer odabuka eGermany, osanda kuqashwa yi-Al-Wehda yaseSaudi Arabia, ubefake uLepasa ohlwini lwabadlali abebafuna kwezakhe, kodwa wamukhipha ngenxa yokulimala.

Umthombo waleli phephandaba uthe: “UZinnbauer ubemufuna uLepasa kangangoba ubemufake ohlwini lwabadlali azogadla ngabo ngesizini ezoqala. Uvele wadumala uma ebuza ngaye ethola ukuthi ulimele, wabe esemukhipha kulolu luhlu. Uneshwa lo mfana ngoba maningi amakilabhu abemufuna kodwa nawo ahlehliswa yilokhu kulimala kwakhe. UZinnbauer usabheka ngoba usenazo izikhala zabadlali bo-kufika kwezakhe. Ubefuna uSiyanda Xulu obedlala kwiSuperSport United. Ngabe uyijoyine ngeledlule uXulu le kilabhu, inkinga enye intatheli yakhona eSaudi Arabia ivele yalu veza lolu daba kwi-X, umnikazi wekilabhu wadinwa wabe eseyimisa indaba yakhe. Ubecikwa wukuthi bekufanele ifihlwe kuze kube iyaphothulwa.” 

Previous articleImpumelelo yethu incike e-Afrika
Next articleUvumbuke kweyama-amesha owodumo kwiPirates