Ezibuhlungu “uyise” weSarafina edlula engozini yemoto

220

INTATHELI YELANGA

LISHONE nezindaba ezimbi emkhakheni wezikaqedisizungu emuva kokudlula emhlabeni kukaMbongeni Ngema (68) obengumbhali wemidlalo yeshashalazi, umculi, umdansi futhi engumbhali wezingoma. Isitatimende esikhishwe wumndeni siveza ukuthi uNgema – wodumo lweSarafina, eyabhalwa nguye – udlule namuhla ntambama engozini yemoto ebuya emngcwabeni eLusikisiki, e-Eastern Cape. Kuvela ukuthi imoto yakhe ishayisane mahlanze nenye.
“Sizwa ubuhlungu ukudlulisa izindaba zokudlula ngokuzuma komfowethu, ubaba, umyeni umthandi wezwe lakhe uMbongeni Ngema,” kusho isitatimende. Ngaphandle kweSarafina, uNgema waziwa nangomdlalo iWoza Albert nezingoma okubalwa kuzo ethi Stimela SaseZola.

Previous articleNami bengizowuduba umdlalo, okwakobani ukugijinyiswa yiSundows ungaholile!
Next articleENkandla bathi lo mfana waqanjwa ngoJobe Sithole weLANGA