Ezimbi ngomdlali weDowns

342

SENZO SOKHELA

KUVELA izindaba ezimbi ngomdlali weMamelodi Sundowns okuthiwa kungenzeka kuphele ngebhola lakhe ngenxa yokulimala okubukeka kunzima ukuba kuphole. IDowns yamemezela ukuthi ibambe ufishi omkhulu ngo-2022, ngesikhathi isayinisa u-Abubaker Nasir (23) wase-Ethiopia, ongumgadli, owayegijima kwi-Ethiopian Coffee. Selokhu wafika kwiDowns udonsa kanzima njengoba emiswe kabi wukulimala. Lo mdlali walimala kanzima nyakenye. Ulimala nje, ubevele ebuya ekulimaleni okwamhlalisa isikhathi eside. 

URulani Mokwena ololonga iDowns ebuzwa ngesimo salo mdlali, uthe: “Ngicabanga ukuthi ikilabhu izokwenza isimemezelo ngaye, kodwa engingakusho wukuthi walimala kanzima futhi indlela alimele ngayo iyindida. Walimala sibhekene ne-Orlando Pirates emuva kokudlaliswa kabuhlungu nguMpontshane (Siyabonga). Kusukela lapho akakaze alulame. Isimo sakhe sibi, walimala ngendlela esingayichaza njengeqeda ngekusasa lomdlali. Njengamanje udinga ukwesekwa ngayo yonke indlela. Sihlalele ethembeni lokuthi uzogcina eluleme, abuyele enkundleni.”

senzos@ilanganews.co.za

Previous articleSekugqobhoke amaphakethe bethungatha othunjiwe
Next articleInyukela kwesinye isigaba i-loadshedding