Ezimnandi kubalandeli beChiefs ngoManyama

647

Uvume ukwelula inkontileka yakhe neziMpofana

SENZO SOKHELA 

ULEBOGANG Manyama weKaizer Chiefs okuvela ezithi useyivuselele inkontileka yakhe nale kilabhu. 
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

EZIMNANDI kubalandeli beKaizer Chiefs umdlali wayo ongaconsi phansi evuma ukwelula inkontileka nale kilabhu. 

IChiefs ibambe ufishi omkhulu isayinisa uLebohang Manyama ngo-2018. 

Imthathe emuva kokuba eshiye kwiKonyaspor yaseTurkey. 

Selokhu efike kwiChiefs usephenduke umgogodla kule kilabhu. 

Uthishwa ukukhala emuke nomklomelo womdlali wesizini njengoba edlala ingcwenga yebhola. 

Angabe engaqali njengoba eke wawunqoba lo mklomelo ekwi-Cape Town City ngesizini ka-2016/-17 ngaphambi kokuba alibhekise eTurkey.

Leli phephandaba lithole ukuthi iChiefs inike lo mdlali inkontileka entsha wangananaza wavuma ukuthi uzoyelula noma kanjani. 

“Nakuba abekhona amakilabhu abesethanda ukumphazamisa efuna azowajoyina kodwa inkontileka ayinikwe yiChiefs iyamgculisa, wathembisa ukuthi uzoyelula. 

“IChiefs kuyishayise ngovalo ukusayina kukaGeorge Maluleka neMamelodi Sundowns yingakho ingazange ilinde kuManyama yize esasalelwe yisizini kwinkontileka yakhe,” kusho umthombo. 

UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ebuzwa ngalolu daba uthe okwamanje akukho angakuphawula ngoba kusavaliwe yonke into imile.

Ube esenxusa abantu ukuba baqhubeke nje nokuzivalela emakhaya nokulandela imiyalelo kahulumeni ukunqanda ukubhebhetheka kobhubhane i-coronavirus.

Previous articleyehlisa imiholo yezisebenzi i-independent media kulandela ukuqubuka kobhubhane i-coronavirus
Next articlezehlile izibalo zobugebengu kuleli