Ezimnandi kubanikazi bezimoto ngophethiloli

236

INTATHELI YELANGA

UZOTHI ukwehla umthwalo kubashayeli bezimoto njengoba wehla uphethiloli namuhla phakathi kwamabili. Izinhlobo zophethiloli (octane 93 ne-octane 95), zizokwehla ngo-62 cents no-76 cents ngokwehlukana, kanti udizili wona uzokwehla ngo-R1.18 no-R1.26 ilitha. Uphalafini uzokwehla ngo-93 cents ilitha. Izingqapheli zezomnotho zithi lokhu kudalwa wukuzinza kwentengo kawoyela ongahluziwe njengoba osondonzima ekuthuthweni kwawo ngemikhumbi sebeqalile ukusebenza.

Previous article“Ikhansela” le-EFF ezinsolweni zokugqekeza esiteshini samaphoyisa kwatshontshwa izikhali
Next article“I-PSL iphinde yachitha abaxhasi” beSwallows