SENZO SOKHELA
KUVELA izindaba ezimnandi ekhempini ye-Orlando Pirates njengoba umdlali wayo omqoka kuthiwa useluleme ngokugcwele ukuba yingxenye yomdlalo omkhulukazi womkhaya. IBucs izobhekana neKaizer Chiefs koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto. URichard Ofori, ongunozinti obeseqiwe yimidlalo emithathu ngenxa yokulimala, ukhuza ibuya. Indawo yakhe ibibanjwe nguSiyabonga Mpontshane okubhekwe ngabomvu ukuthi abaqeqeshi bazomisa kanjani ngaye ngengoba ebevimba kwasani emidlalweni edlule.
UMpontshane ubengakangenelwa goli emidlalweni emibili. U-Ofori uthi balindele umdlalo onzima kwiChiefs. “Ngiqale ngeledlule ukujima, konke manje kuhamba kahle, ngiluleme ngokugcwele. “Ngihlalele ethembeni lokuthi ngibe yingxenye yalo mdlalo. “Ukunqoba kwethu imidlalo emibili ilandelana kuyathokozisa kodwa kunzima ukunqoba owesithathu. “Silindele iChiefs eyehlukile kulo mdlalo, ezobe ifuna ukujabulisa abalandeli bayo. “IChiefs ikwazi kahle ukubaluleka kwalo mdlalo. “Kodwake sizilungiselele futhi senza konke okusemandleni ukuzigcina sithobile njengabadlali abagijima esigabeni esikhokhelayo,’’ kusho u-Orofi.