Ezimnandi kwiChiefs ngobekuthiwa uyahamba

1113

UHlanti kuke kwavela ukuthi ufunwa yiSuperSport United

SENZO SOKHELA
EZIMNANDI kubalandeli be-Kaizer Chiefs njengoba ku-vela ukuthi usazohlala kule kilabhu uSifiso Hlanti (osesithombeni) ongomunye wabadlali abawumgogodla eZimpofaneni, obekunemibiko yokuthi angase ahambe. Inkontileka kaHlanti odlala kwesokunxele emuva kwiChiefs, kuthiwa iyaphela uma kusongwa le sizini. Kuke kwasabalala ukuthi lo mdlali angase ahambe uma kuphela isizini njengoba kunamakilabhu abemfuna. Kula makilabhu bekubalwa iSuperSport United neSekhukhune United.


Ngokuthola kwaleli phephandaba, izikhulu zeChiefs sezivumelene ngokuthi lo mdlali anikwe inkontileka entsha. Umthombo waleli phephandaba uthe: “UHlanti uke walimala isikhathi eside, kodwa indlela abezinikele ngayo ngesikhathi eseqala ukubuya ibajabulisile abaphathi ngoba ubejima ngokwengeziwe. “Ngisho eseqala imidlalo ukhombise ukuba sezingeni eliphezulu. “Abaphathi bagculisekile ngaye futhi ngingakuqinisekisa ukuthi uzogcinwa ngoba sebevumelene ukuthi anikwe inkontileka. “La makilabhu abemgaqele, ngeke esamuthola ngoba naye usafuna ukudlala kwiChiefs.” Imizamo yokuthola uBobby Motaung, oyimenenja-jikelele yeChiefs iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. USizwe Ntshangase ophethe izindaba zikaHlanti, ebuzwa ngekusasa lalo mdlali, uthe: “Kangifuni ukulokhu ngingena ezindabeni zezinkontileka, kodwa engingakuqinisekisa wukuthi uHlanti usazohlala kwiChiefs. Kayikho ikilabhu emfunayo, usangumdlali weChiefs.”

Previous articleKuminyane utshumo iNdlamlenze yethula i albhamuKuminyane utshumo
Next articleObesaba amanzi uyomela elakuleli kwezokutshuza