Kuthiwa seyibeke u-R2 million ukuthenga uPule Mmodi
SENZO SOKHELA
KUVELA izindaba ezithi iKaizer Chiefs seyisibekile isamba ezimisele ukuthenga ngaso umdlali osekuphele isikhathi eside imuzingela. IChiefs kuke kwavela ukuthi ifuna uthuli uPule Mmodi odlala esiswini kwiLamontville Golden Arrows. Kubikwa ukuthi ngesizini edlule ixoxile ne Arrows. Kuthiwa Abafana Bes’thende bathi bafuna u-R6 million ngaye, yahamba iChiefs ithi isayocabanga. Kuvela ukuthi i-Arrows ibiyiyalele ukuba ingawuthumeli uyisamba lo R6 million, kodwa iwukhokhe izikhawu ize iwuqede. Nokho yahamba kayaze yabuya ngaphambi kokuqala kwesizini esikuyona.
Leli phephandaba lithole ukuthi iChiefs isibeke uR2 million efuna ukuthenga ngawo uMmodi njengoba inkontileka yakhe ne-Arrows izophela uma kusongwa le sizini. Umthombo waleli phephandaba, uthe: “IChiefs imufuna uthuli lo mdlali, ihlela ukuhlangana noMato Madlala ongusihlalo we-Arrows ukuze imuthenge uma kuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali. Ifuna ukumuthenga ngo-R2 million engingazike ukuthi uzowuvuma yini uMato ngoba uhlale ekubeka kucace ukuthi izingane zakhe ziyabiza. “Okunyeke, wukuthi kakuyona iChiefs kuphela emufunayo, akhona namanye amakilabhu amugaqele, okusho ukuthi kuyoshiyana amaphakethe.”
UBobby “Bobsteak” Motaung oyimenenjajikelele yeChiefs, eshayelwa yileli phephandaba izolo ngeSonto ekuseni ngalolu daba, ucele ukuba ashayelwe emuva kwehora. Nokho uzanyiwe emuva kwalo ihora abelicelile kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Nesigubhu sakhe sokushiya imiyalezo besigcwele.