Hamba kahle Magutshwa!

784

Intatheli yeLanga uKnowledge Simelane izokhunjulwa ngamancoko

LUCKY CAIN 

Ushayekile umkhakha wezintatheli ngokuhamba koqweqwe uKnowledge Simelane. Lapha wathathwa enoMntwana waKwaPhindangene iNkosi Mangosuthu Buthelezi.

LUZOKHUNJULWA ngamancoko uqweqwe lwentatheli yeLANGA, uMnu Knowledge Simelane, oludlule emhlabeni ngokukhulu ukuzuma ngoLwesibili lusemzini walo eMgababa, eThekwini. 

Imilayezo yenduduzo ilokhu ingene njalo kusuka kuzwakale izindaba zokushona kwalolu galagala lomlobi obeseluneminyaka eminingi lucikoza ngepeni kulo mkhakha wezokushicilela izindaba. 

Umfowabo omncane, uMnu William Simelane, uthe bafe olwembiza ngokudlula kwale ntatheli ebifana nenqolobane ehambayo ezindabeni ezithinta umlando wezigameko eziningi zaKwaZulu-Natal. 

Uthe okubashaqise kakhulu ngalokhu wukuthi ubengumuntu owumqemane ngesikhathi egcina ukukhuluma naye ngoLwesine olwedlule. 

“Sikhulume savumelana ngokuthi sizolokhu sithintana njengoba isikhathi sinzima kangaka kulezi zinsuku,” kusho uMnu Simelane. Uthe uzomkhumbula umfowabo ngokuba namancoko nokungezwani nento ebhedayo. 

Mayelana nokufa kukamfowabo, uthe okwamanje ngeke akwazi ukudalula ukuthi yikuphi okumthathile njengoba esalinde ukuhlolwa kwesidumbu okuzobanika umkhombandlela ngokuhamba kwakhe emhlabeni. Uthe umfowabo obeziteketisa ngoNkunzi Mashiqeka, ushiye emhlabeni izingane eziwu-23 nodadewabo abane naye. 

Utshele ILANGA ukuthi bazohlangana namuhla ngoLwesine bewumndeni ukunquma ngosuku abazombeka ngalo endlini yokugcina. Umphathi weLANGA, uMnu Arthur Konigkramer, uzwakalise ukushaqeka ngokudlula kwale nkakha yentatheli. Uthe ukushona kukaMnu Simelane kuzoshiya elikhulu igebe njengoba ezokhumbuleka ngamancoko nangohleko lwakhe olwehlukile. 

UMhleli Omkhulu weLANGA, uMnu Philani Mgwaba, uchaze uMnu Simelane njengombele ogwansile, obusuphenduke inqolobane ezintathelini ezisakhula. 

“Sishayeke kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaMagutshwa, obefana nenqolobane ngenxa yolwazi lwakhe olunzulu ngaleli phephandaba nesifundazwe. Sikhala nomndeni wakhe, sithi kakwehlanga lungehliyo,” kusho uMnu Mgwaba. 

Uqhube ngokuchaza uMnu Simelane njengomuntu obeqikelela ikakhulukazi olimini lwesiZulu futhi eqinisekisa ukuthi lubhalwa ngendlela oluyilo. 

UMhleli wezeMidlalo, uMnu Zakhele Mchunu, umchaze njengomlandeli weKaizer Chiefs obenganqeni ukuxhumana nethimba lezemidlalo ephephandabeni uma kukhona okungahambi kahle kwezakhe. 

“Uma iziMpofana zigila izimanga esehhovisi, bewumbona nasebusweni echachamba, kanti ubengafuni nokukhuluma uma ezakhe zidliwa ngalolo suku,” kusho uMnu Mchunu. 

Baningi nabanye abadlulise amazwi enduduzo ngokudlula kukaMnu Simelane emhlabeni njengoba ebeyintatheli ebingena yonke indawo kusukela ekubhaleni ngecala eselidonse iminyaka lebandla lakwaShembe kuya kwezepolitiki kanti nasemkhakheni wezikaqedisizungu ubekwazi ukuthatha abafundi ababeke ngosiba lwakhe. 

Ngaphandle kokuba yintatheli, uSimelane ozalelwe wakhulela eMbazwana, wake wasebenza nabaculi abehlukene okubalwa kubo uVusi Ximba, Amaphoyisa asoLundi noCyril Mbongwa. Uke waba ngumbhali womdlalo weshashalazi kaSobhuza. Uke wasebenzisana nophrojusa waKwaDlangezwa, uPhumlani “Phithiza” Mdlalose ngenhloso “yokuvusa” uVusi Ximba ngokuthi bathole omunye umculi ozofana naye.  

Previous articleBasale nomgodi kuphambana izidumbu
Next articleI-Leopards ivuke ngeBhakabhaka