Hheyi! Kasilalanga ngenxa yamaBhakajuju!

    626

    NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI

    KASILALANGA izolo ebusuku ngenxa yabalandeli be-Orlando Pirates emuva kokuhlula iStellenbosch FC ngo-0-0! Sesibonga yona nje i-aggregate eyenze kwaba wu-2-1. Anginanxa namaBhakajuju, nami ngiyawasaphotha uma ngithole ithuba kwazise kithi bonke abantu egcekeni bayiPirates. 

    Kodwa hhayi khona, kunabalandeli beBucs abangasajabuleli ukuthi bayodlala i-final neMamelodi Sundowns, abajabulela ukuthi iKaizer Chiefs ihluliwe ngoMgqibelo, ayilubhadi kwi-final! Hhayi maBhakajuju, ake nje sijabulele ukuthi eziMnyama ziyodlala i-final emuva kokuhlula iStellebosch ngo-0-0 plus 2-1, hhayi ukufaka ezinye izingane umunwe esweni. URev Mkhekhelezi udidekile nje ukuthi nihlulwe yini ukuhlula iStellebosch okungenani ngo-1-0, abantu abasanda kushaywa ngo-2-0 yiMoroka Swallows yami esingazi noma isagula noma iyasinda! Kusasa ikhwehlela nge-semibreeve (inothi lomculo elidonsayo) – ungabala uze ufike ku-4 ngomkhwehlelo nje owodwa – ngomhlomunye isivuke qingqo! Kanti naniyokwenza maBhakajuju eSpain ngaphambi kokuqala kwesizini? 

    Hheyi, asethembe ukuthi nizigawule zenela ezokubhekana neDowns kwi-final mhla ka-7 wenyanga ezayo eMoses Mabhida Stadium, ngoba hheyi, uma kungenjalo, niyolibheka ngisho nge-microscope iphutha likanompempe, bese nisola yena uma senidliwe. Ngizwile-ke kuthiwa onompempe bayayinabukelisa iDowns, nakhu nje nabalandeli beMpofana bebekhihla isililo somfelokazi othinteka ekufeni komyeni wakhe – ezama ukudukisa umkhondo – bethi unompempe, uLoxolo Badi,  ubahlinzele ezibini ngoMgqibelo. Akusenani Khosination, luchithekile ubisi, seniyopholisa amanxeba ngeSekhukhune United koweligi kusasa. Ngumuntu onomona kuphela ongaboni ukuthi niyazama, phela akulula ukuqala kahle isizini unabadlali abawu-6 abasha esikimini sakho, ngingasambali-ke uJasond Gonzalez engingazi ukuthi izikhulu zenu zazimbone enzani ngakubo zize simsayinisa. 

    Previous articleAmaphoyisa nesikhalo eSABC ngenkulumo kaZimdollar
    Next articleTHOLA ILANGA KUSASA