UNobhala-jikelele wale nhlangano uthe nangesikhathi seTRC, bakhona ababenqaba ukuya kuyona
NONHLAKANIPHO SHINGA
KAYILIBONI iphutha kokwenziwe ngowayengumengameli wayo ne-Ningizimu Afrika, uMnu Jacob Zuma, i-ANC njengoba ekhombise ukugolozela iNkantolo yoMthethosisekelo ethi ngeke alubhade esigcawini sikamehluleli uRaymond Zondo esiphenya ngokuqhwagwa kombuso yidlanzana (state capture enquiry).
Ekhuluma nabezindaba izolo ngoLwesithathu uNobhala-jikelele we-ANC, uMnu Ace Magashule oqale wathi ngokubona kwakhe i-ANC yiyo okumele ihlale phansi idingide udaba lukaMnu Zuma uthe abezindaba mabamtshele ukuthi yini engalungile eyenziwe nguMnu Zuma ngoba akwenzayo kuyilungelo lakhe.
Kwale noma okhulumela i-ANC, uMnu Pule Mabe ezama ukuvimba uMnu Magashule, ethi kumele iqembu labo liqale lihlale liludingide lolu daba, kodwa waqhubeka unobhala-jikelele wathi nangesikhathi kuhleli iKhomishini yamaQinisio nokuBuyisana (Truth and Reconciliation Commission), bakhona ababenqaba ukuya kuyona, kodwa kabekho abezindaba abazihlupha ngokubika ngalokho.
“Njengamanje ziningi kabi izinto ezingalungile ezenzekayo ezweni eningakhuluma ngazo, kodwa kanikhulumi ngazo,” kusho yena.
Kulindeleke ukuba isigcawu sikamehluleli Zondo siveze ukuthi yisiphi isinqumo esizosithatha ngesenzo sikaMnu Zuma okumele avele kusona mhla ka-15 kwephezulu.
Sekuwumlando ukuthi uMnu Zuma ubhale iheheba lencwadi ethi ngeke alubhade kulesi sigcawu ukufakaza, aphendule nemibuzo. Wenza lokhu nje, iNkantolo yoMthethosisekelo ithe kumele ayoziphendulela kulesi sigcawu njengoba igama lakhe selivele kaningi ebufakazini.
Isigcawu sikamehluleli Zondo sikhiphe isitatimende ngoLwesibili sithi lokhu okwenziwe nguMnu Zuma kubonakala sengathi uzibona engaphezu komthetho waseNingizimu Afrika.
“UMnu Zuma unqaba ukulandela imiyalelo yeNkantolo yoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, kodwa kolunye uhlangothi uyaqhubeka nokuphila ngaphansi kwemithetho yaleli lizwe, ngisho impesheni yakhe nemihlomulo eyahlukene ikhokhelwa yizakhamizi zakuleli lizwe,” kusho lesi sigcawu esitatimendeni.
Sithe unobhala waso, uMnu Itumeleng Mosala, usenikwe umyalelo wokuthi abe eqala elungiselela ukuthi uMnu Zuma abekwe icala ngokungaveli kwakhe kulesi sigcawu mhla ka-18 kuya ku-22 kuMasingana (January).
“Kuyadumaza ukuthi umuntu owayengumengameli kuleli lizwe enze isibonelo esingesihle kangaka ekubeni kufanele kube nguye ohlonipha umthetho nomthethosesikelo wakuleli,” kusho yena.
Isazi sezomthetho, uMnu Lawson Naidoo weCouncil for the Advancement of the SA Constitution, sithe ukuzama kukaMnu Zuma ukuchaza isinqumo sakhe, njengoba ethi akasalubhadi kulesi sigcawu, kukhombisa ukubukela phansi nokungahloniphi lesi sigcawu.
“Lokhu asekwenza manje kwakumele akwenze ngesikhathi evele kulesi sigcawu, aphakamise ukunganami kwakhe ngokwenzeka kwezinto ezithile. Ukungafuni kwakhe ukuyovela kulesi sigcawu kukhombisa ukuthi akananhlonipho futhi akanandaba naso,” esho.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoZibandlela (December), umahluleli Zondo wabhalela uMnu Zuma kwaze kwaba kabili, emmema ukuba avele kulesi sigcawu ngoMasingana nakule nyanga ephezulu.
Uma egcina evulelwa icala kuzobe sekungelesibili njengoba elokuqala wavulelwa lona ngoLwezi (November) wangonyaka odlule ngesikhathi ephuma eshiya umsebenzi wesigcawu usaqhubeka futhi engashongo ukuthi useyahamba.
Uma engase angalubhadi kulesi sigcawu mhla ka-15, angazithola esebhekene namacala amathathu. NgokweCommissions Act, angazithola ebhadla ejele izinyanga eziwu-6 uma etholakale enecala.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za
*Bheka ekhasini 14