PHUMLANI GAMA
IKHALELE amandla ayo yeseka uMnu Jacob Zuma emacaleni akhe i-ANC KwaZulu-Natal – ebinesigcwu sabezindaba namhlanje, eThekwini – emuva kokuba eqome “ukulaxaza” uKhongolose okwenyongo yenyathi, wahamba noMkhonto Wesizwe Party.
UNobhala kaKhongolose KwaZulu-Natal, uMnu Bheki Mtolo (osesithombeni), uthe iqembu lakhe ngeke lisaqhubeka nokweseka uMsholozi.
“Kusukela ngo-2005 siwa sivuka noNxamalala, kodwa namuhla usenza nje! Ephuma engena ezinkantolo, besikhona. Abantu babefuna ukwazi ukuthi wenzeni uZuma, namuhla yena usejikele! Thina simile ezimfundisweni zakhe zokuthi akufanele kujeziswe i-ANC ngenxa yomuntu oyedwa. Nokho-ke siyafisa ukusho ukuthi kusekhaya, uma ethanda angabuya eqenjini kodwa okwamanje usezikhiphile ohlwini lwamalungu eqembu,” kusho uMtolo.