I-ANC iphika eyokuxosha obeyimeya yeTheku “ngenxa yengcindezi yeDA”

273

JOHN HLONGWA

IPHIKA eyokuxosha iMeya yeTheku, uMnu Mxolisi Kaunda i-ANC KwaZulu-Natal ethi empeleni usejutshwe ukuya ePhalamende. UKaunda – osekube nezikhalo eziningi, kuthiwa kuyamehlula ukuphatha leli dobha – udilizwe namhlanje kwesobumeya asithatha emuva kokugudluzwa kukaNkk Zandile Gumede. UMnu Bheki Mtolo ongunobhala we-ANC kulesi sifundazwe, uthe uKaunda usezokuba yilungu leNational Council of Provinces (NCOP). 

Ukuphikile nokuthi uKaunda udilizwe esikhundleni ngenxa yengcindezi efakwe ngamanye amaqembu epolitiki asehlangene ne-ANC ekwakheni uhulumeni wobambiswano – okubalwa kuwo iDA ne-IFP. 

UMnu Zwakele Mcwango ongumholi we-ActionSA, uthe iqembu lakhe liyakwemukela ukwesula kukaKaunda. Uthe ngokuthola kwabo, i-ANC iyalelwe yiDA ukuba imkhiphe uKaunda. Nokho uthe akaboni ukuthi ukuhamba kukaKaunda kuzoxazulula izinkinga ezikhona eThekwini. 

UMnu Mduduzi Nkosi ongusihlalo we-IFP eThekwini, uthe beyi-IFP bayazibuza nje ukuthi ubeyekelweni sonke lesi sikhathi amaqembu aphikisayo nezakhamizi zaseThekwini bekhala ngokungahambi kahle kwezinto nokugqoza kwentuthuko ngaphansi kobuholi bakhe.  

Previous articleUKhumalo uchithwe yinkantolo kolokubuyiselwa kwesokuhola iMK
Next articleAbaxoxa ne-IFP bayavumelana negama likaNtuli kwesikandunankulu waKwaZulu-Natal