I-ANC izoziphosela inselelo isinqumo esivuna iMK

397

THANDOLUHLE NGUBO

UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula uveze ukuthi i-ANC ihlela ukusiphonsela inselelo isinqumo esikhishwe yiNkantolo eNkulu yaseThekwini esivuna iqembu i-MK ekusebenziseni uphawu elinomkhonto nehawu nemibala ecishe ifane neye-ANC.

UMbalula usho lokhu ngesikhathi i-ANC inesigcawu nabezindaba ekomkhulu laleli qembu eLuthuli House namuhla (ngoMsombuluko) emini. Uthi abaphikisani nokuthi leli qembu (MK) libekhona ephepheni lokhetho kodwa bafisa ukuvikela ‘okungokwabo’ okuyigama uMkhonto Wesizwe, okuwuphiko lwempi lwe-ANC olwahlakazwa, nathe liyamaniswa nomlando ojulile we-ANC.

Previous articleIphinde yakhala ngaphansi i-ANC kwimizamo yokunqanda iMK ekusebenziseni uphawu
Next articleUkhuthaza imbokodo ukuba ingakushalazeli ukuphatha izikole