LUCKY CAIN
ICACISA ngesiphakamiso sayo sokuba uMnu Jacob Zuma ahole uhlelo lokugeza iKwaZulu-Natal, oluzohlanganisa amaqembu ahlukene ezepolitiki, i-ANC ku-lesi sifundazwe, njengoba kuza ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.
Ngokusho kukaMnu Mafika Mndebele, okhulumela i-ANC kulesi sifundazwe, baphakamise igama likaZuma ngenxa yamagalelo akhe emlandweni wokuxazulula izinkinga KwaZulu-Natal, njengoba wenza ngesikhathi kunodlame lwamaqembu ngeshuminyaka lika-1990.
Uchaze uZuma njengomholi onesipiliyoni kwezokuxazulula, kanti bazimisele ngokuthi asisebenzise ukuze zehle izigameko zokubulawa kosopolitiki kulesi sifundazwe.
Uthe kulolu hlelo bafuna kuhlangane amaqembu ezepolitiki namabandla, kudingidwe udaba lokubulala okuhlobene nepolitiki, kuphunywe nesixazululo, bese kuba nomcimbi ozofaniswa nokugeza isifundazwe.
Uqhube ngokuthi kulokhu kuhlangana kumele kube nesivumelwano senqubekela phambili, ukuze zigwemeke izigameko zo-dlame nokubulala okuhlobene nepolitiki.
IKwaZulu-Natal ithathwa njengeseqhulwini ezifundazweni okusocongwa kuzo osopolitiki, kanti uMndebele uthi bafuna lolu hlelo lusheshe lwenzeke njengoba bezimisele ngokuthi namanye amaqembu angenelele ukuze zingabikhona izigameko zodlame njengoba kuza lolu khetho. Ukuphikile ukuthi baphakamisa igama likaZuma ngenxa yokuthi bafuna akhankasele i-ANC.