I-ANC KwaZulu-Natal ichitha i-ANCWL ngoDuma

227

LUCKY CAIN

ICHITHA isitatimende se-ANC Women’s League (ANCWL) kuzwelonke i-ANC KwaZulu-Natal, odabeni oseludalele usihlalo waleli qembu kulesi sifundazwe, uMnu Sboniso Duma isigcwagcwa. Indaba isuswe wukuthi ngoMgqibelo, uDuma ubambisane nomdlali wamaBhokobhoko, u-Eden Etzebeth iNdebe yoMhlaba ye-IRB, ekhona uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube. Le ndebe AmaBhokobhoko ayinqobe ngenyanga edlule, ehlula iNew Zealand ngo-12-11, eFrance. Isitatimende se-ANCWL besigxeka uDuma ngokubukela phansi uNkk Dube-Ncube. 

I-ANC KwaZulu-Natal isichithile lesi sitatimende yathi kasinaso isisekelo. Sicaphune amazwi okuthiwa aphuma kuNkk Dube-Ncube lapho eveza khona ukuthi makungavunyelwa ongoma uyayona kulolu daba. Kulesi sitatimende uNkk Dube-Ncube uthe yinto abebeyihlelile nosihlalo wakhe lena. UMnu Bheki Mtolo (osesithombeni) ongunobhala we-ANC esifundazweni, usole i-ANCWL ngokungenzi okufanele ngaphambi kokukhipha lesi sitatimende. Uthe bekumele ixuhumane nabo ukuze bayicacisele ngokuyikhona.

Previous articleUzame ukuzibulala nomndeni “owadlwengulwa” ngabesilisa (5) basendaweni
Next articleIchithwe yinkantolo inhlangano “etatazeliswe wutalagu” kolwezimvume zabaseZimbabwe