I-Bay FC “ibuyise” umqeqeshi eyanyukela naye kwiDStv Premiership

165

MFANAFUTHI NDLOVU

KUVELA ezithi iRichards Bay FC ibuyisa uRonnie Gabriel, okuthiwa uzoba yisekela likaVusumuzi “Kanu” Vilakazi, oyinhloko yabaqeqeshi. ILANGA lithole ukuthi uGabriel – oneziqu zeCAF A Licence – ukhuza ibuya kule kilabhu yaKwaZulu-Natal ebhekwe yisambane kwiDStv Premiership njengoba ilele endaweni yesibili ukusuka emsileni we-log

KWESOKUNXELE nguVusumuzi Vilakazi ongumqeqeshi weBay FC kanti kwesokudla nguRonnie Gabriel okuvela ukuthi le kilabhu imbuyisile.

UGabriel wayekhona ethimbeni labaqeqeshi elaliholwa nguPitso Dladla, elanyusela le kilabhu kwiDStv Premiership ngo-2021. Nokho ngesikhathi isigijima kwi-premiership, washenxiswa kwaqhubeka uVasili Manousakis owabhinjelwa yizinto naye wafakwa amasondo. Imithombo yaleli phephandaba ilipotshozele ukuthi lo mqeqeshi uhambe nayo iBay FC izolo ngoMsombuluko ukuyobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weligi onamuhla ngoLwesibili ngo-19h30, eLoftus Versfeld Stadium, ePretoria.

Previous articleOweMK uzovela enkantolo ngokuvubela udungunyane
Next articleUmsolwa uqinisekise eyokuba sendaweni okwabulawelwa kuyo u-AKA