INatal Rich Boys nephupho lokuqeda kwi-top 8
SENZO SOKHELA
IFUNA ukubuyisa isithunzi sayo ngezinkunzi zaseSoweto iRichards Bay FC esemkhankasweni wokusonga isizini ikwi-top 8 ngesizini yayo yokuqala ngqa kwiDStv Premiership. IBay izobhekana ne-Orlando Pirates koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola njengoba la makilabhu enezinjongo ezingefani. IBucs ilwela ukulala isibili ukuze idlale kwiCaf Champions League kanti iBay ifuna ukuqeda ibalwa namakilabhu aphezulu kwazise iyazifikela kulesi sigaba, kayijahile ukuyodlala kwiCaf.
USomila Ntsundwana, oyifolosi leBay, uthi konke kuhamba ngokohlelo futhi iBucs izofika beyihlomele. “Amalungiselelo alo mdlalo ahamba kahle, angikhali ngalutho konke kuhamba ngokohlelo. “Leli khefu esibuya kulona lisisize kakhulu ngoba sikwazile ukulungisa izinto. “Siphinde saba nosuku sindawonye singabadlali, abaqeqeshi nezikhulu zekilabhu lapho besenza imidlalo eyahlukene eyenze kwabuya ukuzwana kithina njengabadlali. “Ngikholwa wukuthi besiyidinga into enje ukwelapha imiqondo yethu ngento eyehlukile. “IPirates izofika siyilindele nemiqondo isesimweni esihle, noma kanjani sizokulwela ukuthi siwunqobe lo mdlalo ngoba siyawadinga amaphuzu amathathu,’’ kusho uNtsundwana.
Limbuza leli phephandaba ukuthi ngabe yisiphi isizathu ebesenza imiphumela emihle igqoze kule midlalo eyedlule uthe: “Ngeke ngiqondise umunwe kumuntu othile ngithi uyena. “Uma sishaywa sihlulwa njengekilabhu, uma siphumelela sinqoba njengekilabhu. “Into emqoka wukubambisana; uma sithola amathuba phambili njengabagadli, siwavalele enethini nasemuva ngokunjalo kumakwe ngendlela, sibambisane. “Njengoba kushintshe nezandla kubaqeqeshi, okumqoka wukuthi siqhubeke nokunika umqeqeshi ophethe inhlonipho. “Kodwa okufanele sikwazi ukuthi kasizele ukuzosebenzela umqeqeshi, sizolwela ikilabhu ngoba yiyona ehamba phambili. “Njengoba izinto zingahambi kahle nje, kufanele zilungiswe yithina.
“Iqalwe yithina le ndlela sisesesigabeni esiphansi, asikwazin ukuyimosha. Kufanele siyilungise ngokuthi sinqobe imidlalo. “Umdlalo wePirates yiwona okufanele siqale ngawo ukuze sifeze iphupho lethu lokusonga sikwi-top 8.’’ Imidlalo yeDStv Premiership isiyonke ngale mpelasonto:
NGOMGQIBELO
EKing Goodwill Zwelithini
Stadium: Richards Bay vs Orlando
Pirates 15h00.
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs
Stellenbosch 17h30.
ENelson Mandela Bay Stadium:
Chippa United vs SuperSport
United 17h30.
EMoses Mabhida Stadium:
AmaZulu vs Swallows 20h00.
NGESONTO
EPrincess Magogo Stadium:
Golden Arrows vs Sekhukhune
United 15h00.
EMbombela Stadium: TS Galaxy
vs Maritzburg Utd 17h30