I-Bucs iqede ukuqagela ngoMabasa

328

SENZO SOKHELA

I-ORLANDO Pirates – ezobhekana neTS Galaxy koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eMbombela Stadium, eMpumalanga – ibhalele umgadli wayo,  uTshegofatso Mabasa incwadi eqinisekisa ukuthi noma kanjani usazokuba yingxenye yale kilabhu amanye amasizini amabili eza-yo.

Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo engaphakathi kule kilabhu ukuthi iBucs ibhalele lo mgadli, okumanje uhamba phambili ngokuhlohla amagoli kwiligi (ngawu-15) –  imazisa ukuthi isazomugcina.

Inkontileka kaMabasa neBucs ibiphela ngoNhlangulana (June), kodwa inesivumelwano sokuyelula ngeminye iminyaka emibili. UMabasa ufike kwiBucs ngo-2019 esuka kwiBloemfontein Celtic. Ufike wadonsa kanzima njengoba ebephila ngokubolekiswa. Le sizini nje, iqale ebolekiswe kwiMoroka Swallows kade esuka kwiSekhukhune United abebolekiswe kuyo ngesizini edlule. Ubuye maphakathi nale sizini kwiBucs esuka kwiSwallows abeyishayela amagoli. 

Umthombo weLANGA uthe: “IBucs isiqede ukuqagela ngaye (uMabasa), imbhalele yamazisa ukuthi iyaselula lesi sivumelwa-no samasizini amabili. “Ibisizwile ngandlebenye nokuthi kunamakilabhu ase-Europe amnyonyobelayo, yingakho ivele ya-ngananaza yaselula lesi sivumelwano.”

Imizamo yokuthola uSihlalo weBucs, u-Irvin Khoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belu-khala kodwa lungabanjwa.

Imidlalo yeDStv Premiership iqhathwe kanje:-

NGOMGQIBELO 

• E-DHL Cape Town Stadium: Cape Town City vs Richards Bay 15h00.

• EHarry Gwala Stadium: Royal AM vs Chippa United  15h00.

• EPeter Mokaba Stad-ium: Sekhukhune United vs AmaZulu 15h00.

• EMbombela Sta-dium: TS Galaxy vs Orlando Pirates 15h00.

EMpumalanga Stadium: Golden Arrows vs Cape Town Spurs 15h00.

• E-Athlone Stadium: Stellenbosch vs Mamelodi Sundowns 15h00.

E-FNB Stad-ium: Kaizer Chiefs vs Polo-kwane City 15h00.

ELucas Moripe: SuperSport United vs Moroka Swallows 15h00.

Previous articleISibhedlela iKing Edward sesibizwa ngoVictoria Mxenge yize bekukhona “abangafuni”
Next articleZisazolinda iminyaka izakhamizi ezinethemba ngokusebenza kweNHI