I-Chiefs ibambe umoya ngesethenjwa esilimele

733

Sihoxiswe nakwiBafana Bafana ngakho belu ukulimala

I-KAIZER CHIEFS ibambe umoya ngonozinti wayo, uBrendan Peterson olimele.

SENZO SOKHELA
IBAMBE umoya iKaizer Chiefs ngesimo sikanozinti wayo osefomini, uBrendon Peterson, okuvela ukuthi angase ahlale isikhathi eside ngenxa yokulimala. IChiefs izobhekana neLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto. Iya kulo mdlalo nje, ibingakaphumeli obala ngesimo sikaPeterson okuvela ukuthi uhoxiswe eqenjini lesizwe, iBafana Bafana ngenxa yokulimala.


Ithumba libhotshoswe ngumqe-qeshi weBafana, uHugo Broos, emuva kokuba ebuzwe ukuthi kungani eshiye ngaphandle uPeterson ekubeni esefomini, wafaka isekela lakhe (kwiChiefs) uBruce Bvuma osizwa ngendaba isikimu. Leli phephandaba lithole ukuthi lo nozinti usagqigqa odokotela, akukacaci ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani elimele. “Inzima indaba yalo mfana ngoba ubesengena efomini, esebuyela nakwiBafana Bafana. “Okubuhlungu wukuthi akukacaci ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani, kodwa-ke ukulimala kwakhe kungase kubuyisele u-Itumeleng Khune esikwatini seChiefs njengoba enza kahle ejimini. “Konke kuzocaca kahle ngomdlalo we-Arrows ngoba vele uPeterson ngeke abe khona.

“Yikhona nje ukuthi iChiefs imincile ukuthi kungabi yinto ebucayi ngoba iyamudinga (uPeterson),’’ kusho umthombo waleli phephandaba ozazi zonke ezithinta iChiefs. UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, ephawula ngesimo sikaPeterson uthe: ‘’Sisasihloli-sisa isimo sakhe sokulimala ukuthi simi kephi, okwamanje yilokho engingakusho.’’


UPeterson wavimba kahle ngesikhathi ezakhe zishaya i-Orlando Pirates koweligi muva nje. Imidlalo yeDStv Premiership isiyonke ngempelasonto iqhathwe kanje: NGOMGQIBELO EMbombela Stadium: TS Galaxy vs SuperSport Utd 15h30. ECape Town Stadium: Cape Town City vs Marumo Gallants 17h30. E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Golden Arrows 19h30. NGESONTO EDanie Craven Stadium: Stellenbosch vs Royal AM 15h30.

Previous articleOwoKhozi FM usolwa ngokugweva nemali yenyanga
Next articleBakhala ngezokuphepha e-UniZulu