I-Chiefs icathamela umdlali eyamchitha

626

SENZO SOKHELA

IKAIZER Chiefs ikhokhobela uBradley “Mlungu” Cross (22), weLamontville Golden Arrows, eyamchitha esejime nayo isikhathi eside.Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi iChiefs icathamela lo mdlali kwesokunxele emuva.

UCross – osephenduke isilomo sabalandeli be-Arrows – ujoyine le kilabhu ekuqaleni kwesizini esuka kwiMaritzburg United, egengcwe yizembe ngesizini edlule.

Umthombo weLANGA uthe: “Indaba kaCross isakhulunyelwa ngaphakathi kwiChiefs, kayikafinyeleli kwi-Arrows. Engingakuqinisekisa wukuthi iyamufuna, ikhala ngokuthi uSifiso Hlanti ushaya into ephansi kwazise iminyaka yakhe yobudala isihambile, kanti u-Edmilson Dove uhlushwa wukulimala. Lo mfana uke wajima isikhathi eside neChiefs isaqeqeshwa engu-Arthur Zwane, kodwa yangamsayinisa. Kodwa-ke kangiboni izomthola kalula kwi-Arrows ngoba abadlali bayo bayabiza, kakudlalwa. Ngaphandle kwalokho, inhloso ye-Arrows wukuthi imdayise phesheya kwazise ukhulele khona njengoba edlale kwiFC Schalke 04 yaseGermany nakwiNewcastle United yase-England.” 

Leli phephandaba lishayela uVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ngalolu daba, uthe kakukho angakuphawula ngalo kwazise ikilabhu isekhefini leFifa.

Previous articleKusukile lokho ngomfundaze weLANGA neBerea College
Next articleIvame ukuba wukhondolo imikhuba ebatshazwa ezizukulwaneni ezithile