MFANAFUTHI NDLOVU
KUBUKEKA emakhulu amathuba okuba iKaizer Chiefs ijoyinwe ngumdlali weBafana Bafana okuvela ukuthi usekhathele ukugijima phesheya kwezilwandle. Kuthiwa umqeqeshi omusha weziMpofana uMolefi Ntseki umthanda ukufa uThabo Cele (26), ogijima kwiRadomiak Radom yasePoland, futhi umbona ezongena khaxa esitayeleniafuna ukugadla ngaso ngesizini ezokwethwasa ka-2023/24 yePremier Soccer League (PSL). ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi phakathi kwamakilabhu agaqele uCele (osesithombeni) kukhona neSekhukhune United (Babina Noko) okuthiwa ibisiziqalile izingxoxo nalo mdlali.
Kuthiwa uCele ivele seyiphelile inkontileka yakhe neRadom. Kuthiwa ezingxoxweni neSekhukhune besekubambe umholo kuphela kwazise kuvele amahlebezi athi uCele ufuna umholo ka-R250 000 ngenyanga. Kuthiwa izikhulu zeBabina Noko zisenalo ithemba lokuhlabana ngalo mdlali uma ehlisa umholo awufunayo. Kuthiwa uCele useyazisile ikilabhu yakhe yaphesheya kwezilwandle ukuthi usefuna ukuyishiya ukuze asondele emndenini wakhe. Kuthiwa isinqumo esiwujuqu uzosithatha ngemuva kwemidlalo yeCosafa Cup ezokuba seThekwini ngesonto elizayo njengoba eyingxenye yesikwati seBafana. Kuthiwa okwenyusa amathuba okuthi uCele aphelele kwiChiefs wukuthi nomndeni wakhe uyazifela ngeziMpofana ekubeni naye unobudlelwano obuhle noNtseki.
“Yiqiniso ukuthi izikhulu zeSekhukhune ziphansi phezulu nemizamo yokuthola uCele ngoba zikholwa wukuthi angenza omkhulu umehluko kule kilabhu. “Phela iSekhukhune ifuna abadlali abanesipiliyoni njengoba ivele igabe ngoKamogelo Mokotjo, uSbusiso ‘Villa’ Vilakazi, uDaniel Cardoso no-Edwin Gyimah waseGhana,” kusho umthombo. Imizamo yokuthola uBrandon Truter, opheka iSekhukhune, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. UVina Maphosa, wezokuxhumana kwiChiefs, uthe okwamanje bebengakazibhungi ezabadlali abazobasayinisa.