I-Corona ibhuntshise izinhlelo zokusatshalaliswa kwe-album

704

MTHOBISI SITHOLE
UGQEMEKE engeqiwa ntwala umculi kamaskandi, uQhoshango-kwenzakwakhe Sibisi, okuphazamiseke ukusatshala-liswa kwe-albhamu yakhe ezindaweni zasemakhaya.
Lokhu kulandela isimeme-zelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokuthi izakhamizi zaseNingizimu Afrika zigo-nqe izinsuku eziwu-21
ukugwema ukubhebhetheka kukasomqhele (Coronavirus).
UQhosha okhiphe i-albhamu ethi “Welcome Back”, uthi ukuzamazama kwezwe ngenxa yalesi sifo, kuphazamise
okuningi njengoba umsebenzi wakhe omusha othakaselwa kakhulu, bekumele kujatshu-lwe ngawo ngePhasika.
Utshele ILANGA ukuthi ubesezinhlelweni zokuziyela ngqo emakhaya ayozikhangi-sela ukuze ongayithengi i-albhamu ayiyeke ngoba engathandi, hhayi ngoba engenazo izindlela zokuyithola.
“Izinhlelo zizoqhubeka uma sekudlule lesi simo ngoba nasemahostela akuleli sisazoya kuwona. Isinqumo sokuba ngihambele umphakathi, ngisithathe emuva kokubona isasasa lokuthakaselwa kwale albhamu ngesikhathi ngiye-thula ngokusemthethweni eWorkshop, eThekwini emasontweni amabili adlule,” kusho uQhosha.
Okugqame kakhulu kulo msebenzi omusha kaQhosha, wukwenyuka kwezinga lomculo wakhe unyaka nonyaka.
Utshele ILANGA ukuthi kuyamthokozisa ukubona abantu bekhetha inqwaba yezingoma abathi kubukeka zizodla ubhedu.
“Nginenhlanhla impela yokuthi engikwenzayo abantu bayakuthokozela, akumnandi neze ukukhipha i-albhamu enenqwaba yezingoma kodwa abantu bathande eyodwa kube sengathi ubukade ukhiphe i-single,” kusho uQhosha.
Kule albhamu upike uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose, uMzukulu, iMfezemnyama, uNtencane noDidiza. Ezingomeni ezidla ubhedu kubalwa ethi “Sengenele‚” “Welcome Back‚” “Amatype” nethi Bayashendezana.
UQhosha ngumculi kamasikandi omukelwe ngesasasa kulo mculo nakuba bekunga-tshazwa, kwazise wayeyinduna yabalandeli boSaziwayo ngesikhathi ethatha isinqumo sokucula.
Igama lakhe laziwe kakhulu esahola abalandeli bakaMgqumeni “iBhova” Khumalo (ongasekho). Emculweni
usenqobe izindondo okubalwa kuzo ayithola kwiCrown Gospel Awards nakumaSatma.

Previous articleBakhihla esikaNandi isililo abadayisi basemigwaqweni
Next articlekuwe insika kowe-jazz