i-corona ifike nenselelo entsha kwi-ada

797

LUCKY CAIN

UMNU Tineyi Chigunduru, oyisikhulu esiphezulu se-Action Development Agency.

IBHEKENE nezinselelo ezintsha inhlangano yaKwaZulu-Natal engenzi nzuzo, i-Action Development Agency, okuyiyona enikwe yiSolidarity Fund igunya lokusabalalisa ukudla emindenini ehlwempu kulesi sifundazwe nje-ngoba kubheduke i-coronavirus eholele ekutheni kuvalwe izwe (lockdown). 

Le nhlangano, ebivele iphakela imindeni elinganiselwa ku-13 000 entulayo, ithi isibalo siyenyuka njengoba izwe livaliwe, okuphoqa ukuthi namavolontiya ayo ande futhi nendlela ehlinzeka ngayo imindeni ngokudla, yehluke. 

ILANGA libe nengxoxo ekhethekile nesikhulu esi-phezulu sale nhlangano, uMnu Tineyi Chigunduru, mayelana nokumelana nomsebenzi wokondla lemindeni. 

Uthi nakuba sekunemi-nyaka besebenza ngokweseka imindeni ngokudla, kodwa kusukela kuqale ukubhebhetheka kwe-coronavirus, umsebenzi wabo wandile kakhulu, okusho ukusebenza ngokuphindiwe. 

“Phambilini besibaphekela ezikhungweni, bafike bazodlela khona kanti manje njengoba sekunemigomo yaleli gciwane, kuyaphoqa ukuba sibahambisele amagilosa emakhaya. 

“Lokho kusho ukuthi kumele sibapakishele igilosa ephelele, engondla amalungu ayisithupha omndeni isikhathi esingangenyanga,” kuchaza uMnu Chigunduru. 

Uthi nakuba benalesi sikhalo, kodwa ngenxa yokuhluka kwemindeni, kuyenzeka amavolontiya abasebenzisana nawo afike kwesinye isibalo singaphezulu. 

“Lapho kusho ukuthi kumele sithi ukusandisa isibalo segilosa ukuze ikwazi ukubanela bonke isikhathi esingangenyanga,” kusho yena. 

Uthi nakuba bebenalo uhlu lwale mindeni ewu-13 000 njengoba bebesebenzisana nayo, kodwa isibalo siyanda manje njengoba izwe libhekene nalesi simo esinzima. 

“Kunzima emindenini eminingi KwaZulu- Natal njengoba kubhebhetheka leli gciwane, kodwa siyazama ukusiza ngokoxhaso loMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal nokazwelonke,” kusho uMnu Chigunduru. 

Uthi nakuba lukhona uxhaso abalutholayo kuhulumeni, kodwa zisekhona izingqinamba abahlangabezana nazo njengenhlangano. 

“Sinamaloli awu-20 ahambela isifundazwe esabalalisa lokhu kudla. Enye yezingqinamba ezinkulu esihlangabezana nazo wukugcwalisa la maloli ngodizili nokuqinisekisa ukuthi abasha-yeli bethu namavolontiya ethu bayahlomula ngokuncane ngokuchitha isikhathi sabo besebenza kanzima,” kusho yena. 

Uqhuba ngokuthi njengoba izwe ligonqile, umthamo womsebenzi mkhulu kakhulu kanti baze bathola amaciko angaphansi kweKwaZulu-Natal Creative Industry Forum ukuba ayovolontiya ngokupakisha ukudla ukuze kusheshe kufinyelele emindenini eswele. 

“Njengoba sinamavolontiya ahlukene asebenza ngokuzikhandla, siyafisa ukuthi sikwazi ukuwabonga ngokuncane noma athole ukudla uma esasebenza,” kusho uMnu Chigunduru. 

Unxuse ukuba nezinkampani ezizimele zingenelele njengoba siqhubeka nokwanda isibalo sale mindeni. 

Unxuse eminye imindeni eswele ukuba ixhumane noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi. Uveze ukuthi bayaqikelela ukuthi kabayifaki ipolitiki uma besabalalisa ukudla kule
mindeni. 

“Thina kasihlangani nepolitiki njengoba okwethu kuwukusiza umphakathi ngaphandle kokuwuhlunga ngobuqembu. Siyaqinisekisa ukuthi ukudla kufinyelela kuleyo mindeni ekudinga ngempela ukudla. Siyakuqonda futhi ukuthi bakhona abanye esingeke sifinyelele kubona, kodwa umphakathi owaziyo ngaleyo mndeni, siphakamisa ukuba uxhumane nomnyango ukuze ibhaliseke nayo isizakale,” kusho lesi sikhulu. 

IKwaZulu-Natal ngesinye sezifundazwe ezihaqeke kakhulu yi-coronavirus njengoba ilele isibili ngokwesibalo sabantu asebedlulile emhlabeni ngenxa yayo. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleIqubula imibuzo eyokushiswa kwezikole
Next articleUkhale wabuya nganeno