SKHOSIPHI MTHEMBU
KAYIZINE thuba izigilamkhuba iCommunity Policing Forum (CPF) yaseMthwalume, emuva kokuphuma kwayo umkhankaso wokubhekana ngqo nabaphula umthetho njengoba ibambe izibhamu ezingekho emthethweni. Akwenze lokhu ngemuva kwezikhalo zomphakathi othi uhleli lubhojozi ngenxa yezigilamkhuba eziphatha izibhamu.
Kubikwa ukuthi ngoMsombuluko odlule ebusuku, amalungu eCPF ancinzwe indlebe ngezigilamkhuba ebeziphethe izibhamu ezingekho emthethweni – okusolwa ukuthi yizona ezisetshenziswa ukuhlukumeza umphakathi ngokubanjwa kwenkuzi – abe esegasela komunye umuzi, azithola.
Kubikwa ukuthi abambe abasolwa abathathu, abaficwe bezitika ngezidakamizwa, bephethe izibhamu ezingekho emthethweni.
Kwenzeka lokhu nje, ngenyanga edlule abambe abesilisa ababili, nabo abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni.
UMnu Lucky Bhuyeni ongusihlalo weCPF ku-ward-19 kuleya ndawo, uthe besekunesikhathi bethola izikhalo emalungwini omphakathi ngabafana okuthiwa baphatha izibhamu.
Uthe kusukela ngempelasonto edlule, bebelokhu belandela umkhondo njengoba obesolwa ngalo mkhuba, ubengaziwa ukuthi ukuphi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa abathathu.
Uthe kuvulwe icala lokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
skhom@ilanganews.co.za