I-DA emkhankasweni wokuba kuhlakazwe ubuholi beTheku

189

PHUMLANI GAMA 

IFAKE incwadi yesicelo sokuba kubhungwe mayelana nokudlakazwa komkhandlu wamakhansela kuMasipala weTheku iDA, ethi lo mkhandlu uyehluleka wukubhekana nezidingo zomphakathi. Leli qembu ebelinesigcawu nabezindaba ngoLwesithathu, libala nokuthi umkhandlu uyehluleka nokuqoqa imali ebantwini abakweleta umasipala. 

UMnu Francois Rodgers ohola iDA KwaZulu-Natal, ushaye indesheni nakwamanye amaqembu aphikisayo kulo masipala ukuba abambisane nabo uma sekudingidwa lolu daba. Ubalule i-EFF phakathi kwamaqembu akholwa wukuthi azoseseka lesi siphakamiso. Ukhale ngenkinga yokusweleka kwamanzi, wathi okunye okwenze bafinyelela kulesi siphakamiso, yisigameko sokwehluleka kwalo mkhandlu ukusebenzisa imali, egcine ibuyiselwa kumgcinimafa. 

“Njengamanje sisebenzisa isigatshana somthetho u-section 34, olawula ukuphathwa komasipala. Kudala sedlula ku-section 139 ogunyaza ukungenelela kukahulumeni wesifundazwe ngenhloso yokutakula umkhandlu onezinkinga njengawo lona waseThekwini. Ukuhlakazwa kwawo kuzonika abavoti elinye ithuba lokukhetha uhlobo lwabantu abafuna ukuholwa yibona,” esho. 

Libuza ILANGA ukuthi yini ezokwenzeka uma singaphumeleli lesi siphakamiso, uMnu  Rodgers uthe: “

“Okwamanje ngeke sikudalule konke okuzokwenzeka uma singaphumeleli, kodwa kasikungabazi ukuthi wonke amaqembu aphikisayo eThekwini, azohambisana nesiphakamiso sethu. Uma kuwukuthi ubuholi obu-khona kabuhambisani nathi, sizophoqeleka ukuba sisenzise lokhu esikugodlile.”

phumlani@ilanganews.co.za

Previous article“Baphumputha” umkhombandlela abafuna ukugudluza i-ANC
Next articleSimenyelwa nemicimbi yezingane ngoba kufuneka utshwala