i-DA ifuna aphendule uNgqongqoshe ngolukaBushiri

1535

INTATHELI YELANGA

Ngumholi we-Enlightened Christian Gathering, uShepherd Bushiri nomkakhe uMary abadide abaningi sebevumbuka eMalawi njengoba bengaphandle ngebheyili kuleli.

LIJOJA ngejozi uNgqongqoshe wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi iqembu eliphikisayo, iDemocratic Alliance (DA), lithi wumnyango wakhe okumele uchaze kabanzi “ngokweqa” komholi we-Enlightened Christian Gathering, uShepherd Bushiri nomkakhe uMary babuyela kubo eMalawi njengoba bengaphandle ngebheyili mayelana namacala okukhwabanisa. 

Leli qembu likusho lokhu izolo ngeSonto njengoba izindaba “zokweqa” kukaBushiri nomkakhe zisanganise abantu baseNingizimu Afrika emuva kokuba le nceku nomkayo bephule imibandela yebheyili, bangalubhada ukuyobika esiteshini samaphoyisa ngoLwesihlanu. Beqa nje, bangaphandle ngebheyili ka-R200 000 umuntu ngamunye, njengoba bebhekene namacala amathathu abandakanya inkohlakalo nokushintshisana ngemali ngendlela ephambene nomthetho. 

Imali abasolwa ngayo ilinganiselwa ku-R102 million. Omunye wemigomo yokuphuma kwabo ngebheyili uthi kumele bahlale kuleli kuze kube babuyela enkantolo. Kunemibiko engaqinisekisiwe eveza ukuthi uBushiri nomkakhe bagwazele izikhulu ezithile ezisebenza eMnyangweni wezaseKhaya ukuze bakwazi ukweqa. 

Iphephandaba iSunday Times libike ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uyaveva ngale mibiko evela nje, yena ubenomhlangano noMengameli waseMalawi, uMnu Lazarus Chakwera ofike kuleli lizwe ngesikhathi okweqe ngaso laba basolwa. 

“Leli yicala elinzima kakhulu, ikakhulukazi uma kuvela ukuthi kuneqhaza elibanjwe wuMnyango wezaseKhaya, yizikhulu ezisemngceleni namaphoyisa asebenza khona,” kusho uNkk Angel Khanyile, we-DA. 

Uthi ukwenza kukaBushiri kushiya imibuzo eminingi ngezokuphepha kuleli. UNkk Khanyile uthe uDkt Motsoaledi kumele ayophendula ePhalamende, aphinde atshele iNingizimu Afrika yonkana ukuthi uBushiri uwathole kanjani amaphepha okuba yisakhamuzi kuleli. 

Uqhube wathi nguye futhi uDkt Motsoaledi okumele achaze ukuthi laba beqe kanjani njengoba bengenawo ngisho ama-passport, kwazise kwaziwa ukuthi banikezela ngawo emaphoyiseni ngemuva kokunikwa kwabo ibheyili. 

“Ukuthi kunabantu ababili abafunelwa amacala anzima kangaka kodwa abakwazile ukweqa kuleli lizwe ngaphandle kokuxakaniseka, kusho ukwenzelwa phansi kwabantu baseNingizimu Afrika. Kuyacaca ukuthi kayikho into engavimba izigilamkhuba ukuba zingene ziphuma emingceleni yakuleli ngoba umnyango uyahluleka wukwenza umsebenzi wawo,” esho.

Previous article“Obengunjiniyela utholwe esengamathambo”
Next articleUKhune ufuna ukulwela ijezi kwiChiefs