PHUMLANI GAMA
IPHAKAMISA ukuba kubanjwe amaholo ezisebenzi zikaMasipala weTheku ezehlulwa wukukhokhela ama-rate iDA, ekubeni ingxenye enkulu yezakhamizi zalo masipala iphoqwa ukukhokha.
UMnu Mxolisi Khubisa, ohola leli qembu emnyangweni wezokuphathwa kwemali kamasipala, uthi bafuna imenenja yeTheku, uMnu Musa Mbhele, iphoqe izisebenzi zawo ukuba zikhokhele ama-rate. Uthi uma zehluleka wukwenza lokho, kuzofanele imenenja igunyaze ukuba imali eziyikweletayo ibanjwe emiholweni yazo futhi zinganikwa namabhonasi.
Ukhale ngokuthi ingaphezu kuka-R52.2 million imali elahlekela umasipala ngenxa yezisebenzi ezilinganiselwa ku-2 661 ezingawakhokheli ama-rate. Uveze ukuthi kunezinye izisebenzi zalo masipala eziwu-2 500, okutholakale ukuthi ziwukweleta u-R20 000 ngasinye.