I-DA ikhale ngokumoshwa kwemali kuphenywa inkohlakalo kuPappas ophume phambili

170

NONHLAKANIPHO SHINGA

USIHLALO weDA KwaZulu-Natal, uMnu Dean MacPherson, uthi kuyamangalisa ukuthi uhulumeni uze wachitha imali uphenya ngenkohlakalo “engekho”, emuva kokusabalala kwezindaba zokuthi iMeya yaseMngeni, uMnu Chris Pappas (osesithombeni), isolwa ngokunikezela ngoxhaso kowesilisa osondelene nayo. 

Phambilini, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal – oholwa nguNkk Bongiwe Sithole-Moloi – waveza ukuthi uzolusukumela phezulu lolu daba. Wabhalela imenenja yalo masipala (uMnu Mzi Hloba)  njengoba kuleli sonto uveze ukuthi ngokophenyo lwawo, uthole ukuthi izinsolo ebezibhekiswe kuPappas kazinabo ubufakazi. 

“Esikutholile nesinesifiso sokuba kulungiswe, wukungabi khona kwemithetho nemigudu yangaphakathi yokuxhasa ngemali izinkampani ezisemkhakheni wezokuvakasha,” kusho uNkk Sithole-Moloi. 

UMacPherson uthe la mahlebezi angekho ngoPappas, aqutshulwe ngabe-ANC. “Njengeqembu, besingenakho ukwesaba. Sihlale sisho ukuthi lapho esiphethe khona, sisebenza ngokwethembeka. Sisaqhubeka nokukusho lokho futhi siyawemukela umbiko walo mnyango. Sisamethemba uPappas oqokwa njengefolosi lethu emqhudelwaneni wesikandunankulu wesifundazwe,” kusho uMacPherson. 

Uthe yize bekujabulela ukuthi imeya yabo itholwe imsulwa, kodwa bayakhala ngokumoshwa kwemali yomphakathi “ngento engekho”.

“Lena kwakuvele kuyindlela yeqembu elibusayo yokuzama ukuthola amaphuzu. Sinethemba lokuthi (i-ANC) izosebenzisa le miphumela ukuzinuka amakhwapha, bese ibheka inkohlakalo komasipala ebangamele, ikakhulukazi iTheku noMsunduzi,” kusho yena. 

Previous articleKusabatshazwa isihluku sesoka “elibulale” izaguga lixabene nomzukulu
Next articleSisazoqhubeka isiteleka sase-Ushaka Marine