THANDOLUHLE NGUBO
I-DA isinqume ukubhalela iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, iyinxusa ukuba ingenelele, isuse umholi woMkhonto Wesizwe Party (MKP), uDkt John Hlophe (osesithombeni) ekubeni yilungu lephalamende elikwiJudicial Service Commission (JSC). Lokhu kuvezwe ngusihlalo womkhandlu weDA, uNkk Helen Zille, oveze ukuthi bekuwubudedengu “nokungacabangi” ukubeka ijaji elaxoshwa njengomunye wabantu abazoqoka amajaji amasha.
Emaphepheni afakwe yiDA kule nkantolo, icela ukuba kumiswe ngokuphuthuma ukusebenza kukaDkt uHlophe kwiJSC, kuze kube inkantolo icubungulisisa isinqumo sephalamende sokumqokela kulolu hlaka. UZille uthi akaphikisani nokuthi iMK iphakamise ilungu layo ukuba libe yingxenye yeJSC, kodwa ukuba khona kukaDkt uHlophe kuyo kungaholela ekutheni inhlolokhono yamajaji ingabi semthethweni.
Isimangalo seDA sifana nese-AfriForum, enikele eNkantolo yoMthethosisekelo izolo, icela ukuba isuse uDkt uHlophe kwiJSC. Isikhulu esiphezulu se-AfriForum, uMnu Kallie Kriel, sithi kuyinkinga phezu kwenye futhi akuphusile ukuthi amajaji azohlohlwa ngokugcinwa kwemithetho nguDkt uHlophe, ekubeni yena watholwa yiyona iJSC enecala lokuhluleka wukugcina imithetho.
Kulindeleke ukuba izinqumo zalezi zinkantolo ziphume maduze njengoba kumele i-SC iqale umsebenzi wayo ngoMfumfu (Octobet) nonyaka.