I-DA ithembele kunembeza wamakhansela kolwaseThekwini

186
NGUMNU Dean Macpherson noMnu Thabani Mthembu esithangamini sabezindaba, eThekwini.

PHUMLANI GAMA

I-DA ithembe ukungena ngenxeba elivuleke ku-ANC enexhala ngengxenye yamakhansela ayo kumasipala weTheku, lokhu kulandela isiphakamiso se-DA sokuba kuhlakazwe lomkhandlu. 

I-DA ibambe isithangami sabezindaba eThekwini namuhla ngoMsombuluko nokuyilapho iveze ukuthi lilodwa iqhinga lokutakula lomkhandlu ezinkingeni obhekene nazo okungelokuba uhlakazwe ukuze izakhamizi zizonikwa elinye ithuba lokuvota.

UMnu Thabani Mthembu ohola ikhokhasi ye-DA eThekwini noMnu Dean Macpherson baveze ukuthi sebezwile ukuthi kuneziphathimandla ezithile zeTheku eseziqale imizamo yokuthola abameli abazovimba ukuba singaphumeleli isiphakamiso sabo. 

“Noma bangenza maphi amaqhinga ngeke baphumelele ngoba kwabona kabasenakho ukwethembana ngenxa yokwanda kwesibalo samakhansela eseka iqembu i-MK. Thina sikholwa wukuthi wonke amakhansela kufanele akhulume nonembeza bawo ukucabangela izidingo zomphakathi waseThekwini. Ukuhlukana kwabo kunika thina ithuba lokunqoba ukuze kulunge umonakalo owenzeka kubunjwa lomkhandlu ngo-2021,” kuphetha uMthethwa.

Previous articleBazobuyela enkantolo ababulala izingane zabo bezikhipha amadimoni
Next articleKuqokwe obelindelwe ukuhola i-IFP eKZN