PHUMLANI GAMA
IZISHAYA isifuba iDA KwaZulu-Natal ngohlu lwamafolosi ayo eluthumele kwi-IEC, ehlose ukugadla ngawo kulesi sifundazwe emuva kokhetho lukazwelonke nezifundazwe olumhla ka-29 kuNhlaba (May) nonyaka. Leli qembu belinesigcawu nabezindaba lapho belethula khona uhlu lwabantu abazolimela esiShayamthetho saKwaZulu-Natal lapho umholi walo kulesi sifundazwe, uMnu Francois Rogers eveze ukuthi seliwaphothule wonke amalungiselelo okungenela ukhetho.
Phakathi kwabamenyezelwe, kubalwa uMnu Sakhile Mngadi noMnu Maliyakhe Shelembe owake waba yimeya yaseMtshezi ngethikithi le-IFP. “Ake ucabange nje sesinongqogqoshe besifundazwe abaqhamuka kulo khilimu wabaholi esigadla ngabo, abazosebenzela iKwaZulu-Natal, bengahambi ngezimoto ezinamalambu aluhlaza futhi benciphisa ukubhubhudlwa kwemali!” kusho uMnu Rodgers. Uthe lolu hlu luzonika abavoti ithemba lokuthi iDA izobeka abantu bakulesi sifundazwe phambili futhi isebenze ubusuku nemini ukutakula lesi sifundazwe kulolu khetho oluzayo.