I-DA izishaya isifuba ngokucindezela uMasipala weTheku kolwezikweletu zezakhamizi

225

INTATHELI YELANGA

IZISHAYA isifuba iDemocratic Alliance (DA), eThekwini, ngokufaka ingcindezi kumasipala waleli dolobha – eyibona ithela izithelo – odabeni lwamaphutha ezikweletu eziklinye izakhamizi ezilinganiselwa ku-50 000. Leli qembu likhiphe isitatimende – ngesandla sekhansela lalo, uMnu Mzamo Billy, mayelana nomhlangano wayizolo obucelwe yilo, obekukhona kuwo iMenenja yeTheku, uMnu Musa Mbhele; yesekela lemenenja, uMnu Sbu Makhanya nesikhulu sezemali, uMnu Sandile Mnguni ukuba kubhekwe ihlazo lokungasebenzi kahle kwezinto kulo masipala.

UMbhele uzibophezele ukuthola isixazululo kulolu daba – ngokusho kwesitatimende.

“Ngesikhathi kuxoxwa lolu daba, iDA inxuse ukuba imenenja iphenye futhi ithathe izinyathelo ngezikhulu ezithintekayo ekuthathweni kwemininingwane engaqondile yezikweletu zezakhamizi,” kusho uBilly esitatimendeni. Uthi le nkinga ingenye yalezo ezenza iDA ibone ukuhlakazwa komkhandlu weTheku kuyisixazululo esingasiza ekutheni lo masipala ungagcini usucambalele ngesisu.

Previous articleUMoseneke ethimbeni lakuleli “elilwa” ne-Israel
Next articleUSkhova ungu-Einstein kamaskandi