I-DA izwakalise ukukhathazeka ngokuthula kweMeya yeTheku kolokubulawa kwezisebenzi

192

LUCKY CAIN

ISISUKUMISE iqembu eliphikisayo kuMasipala weTheku, iDA, lazwakalisa ukukhathazeka “ngokuwuhlaba inhlali” kwemeya nemenenja yalo masipala ngezigameko zakamuva zokubulawa kwezikhulu zomnyango wezamanzi nokukhucululwa kwemfucuza.

Kusukela ngonyaka odlule, sekubikwe izikhawu ngokubulawa kwezikhulu zalo mnyango kanti isigameko sakamuva senzeke ngoLwesibili ebusuku lapho kubulawe khona esinye isisebenzi ngaphakathi emagcekeni amahhovisi aseSpringfield, eThekwini.

UMnu Thabani Mthethwa ohola iDA kulo masipala, uthe usebhalele uMnu Mxolisi Kaunda oyimeya noMnu Musa Mbhele oyimenenja ezwakalisa ukukhathazeka ngokungasho lutho ekubeni ziqhubeka lezi zigameko. “Kuyamangalisa ukuthi ukuphepha kwabo bakubeka phambili, kodwa kabasho lutho ngezisebenzi okuyizona ezibhekana nokubulawa futhi ezithintekayo ngqo kulezi zigameko,” kusho uMthethwa. Uthe ngabe kungcono ukuthi uma bekhuluma ngale mali abazimisele ukuyisebenzisa ukuqinisa ezokuphepha kwabo, bafaka nezikhulu kulolu hlelo.

I-DA lisanda kuzwakalisa ukukhathazeka ngokuthi ikomidi lezemali kulo masipala liphasise ukuthi lo masipala usebenzise u-R25 million ukuba kuthengwe izimoto ezintsha zemeya, iphini lemeya nozihlalo bamakomidi.

UMthethwa uqhube ngokuthi kuyadabukisa ukuthi laba baholi (uKaunda noMbhele) kabakaze baphumele obala bagxeke noma baqhamuke nesu lokuvikela izisebenzi kulo mnyango. “Encwadini esibabhalele yona sinxusa ukuthi kube nomhlangano ophuthumayo lapho bezosithatha basibeke ngezinhlelo zabo zokuvikela izisebenzi zalo mnyango. Osekucacile wukuthi kunezigilamkhuba ezinezinhloso ezingezinhle ngokwenzeka kuwona,” esho

Uthe nakuba bengakalwenzi uphenyo ngokwenzeka kulo mnyango, kodwa indaba inamathenda njengoba kunezigilamkhuba ezifuna ukuzitamuzela imali yabakhokhi bentela ngendlela eziyithandayo ngaphandle kokuthi kulandelwe imigomo efanele. Imizamo yokuthola uKaunda noMbhele ukuba baziphendulele ngale ncwadi, iphunzile njengoba begcine bengatholakalanga.

Previous articleKusazothatha iminyaka ukulungisa iphalamende elashiswa
Next articleAbeNkatha bavimbe ungqongqoshe “obeyophazamisa” umkhankaso wabo