I-Downs iqashe umngqithi nomokwena kwesokuqeqesha

111

IMAMELODI Sundowns imemezele uManqoba Mngqithi noRhulani Mokwena njengabaqeqeshi bale kilabhu. Bobabili bazokuba ngabaqeqeshi abayinhloko, kodwa uMngqithi unikwe amandla okuthatha izinqumo ezingujuqu nxa kungavunyelwana ngokuthile. Bavala isikhala sikaPitso Mosimane oshiye isigubhukane kule kilabhu wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt. UPatrice Motsepe onguMengameli weDowns, uthi uyakholelwa kubaqeqeshi bakuleli. Uthi banomthwalo wokuvikela inkomishi yeligi nezinye izicoco. Uthi kumele baqhubeke nezinhloso zokubeka le kilabhu ezingeni eliphezulu. Uthi iDowns isazokwenza ezinye izimemezelo maduze.