I-Downs nezinhlelo ngabadlali bayo abawumgogodla

218

SENZO SOKHELA

IHLELA ukunika abadlali bayo abawumgogodla izinkontileka ezinde iMamelodi Sundowns ezobhekana neStellenbosch FC emlenzeni wokuqala we-semi final yeMTN8 kusasa ngoLwesithathu ngo-19h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Umlenze wesibili uzokuba ngeSonto ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi iDowns isezinhlelweni zokwelula inkontileka kaMothobi Mvala nekaKhuliso Mudau (osesithombeni), abadlala emuva. Kuvela ukuthi ziyaphela izinkontileka zabo ngomhla ka-30
kuNhlangulana (June) wonyaka ozayo.
Kuthiwa iDowns ihlela ukubanika izinkontileka zeminyaka emithathu kwazise basezinhlelweni zale kilabhu zeminyaka ezayo.

Umthombo waleli phephandaba uthe: “IDowns imatasa namalungiselelo alo mdlalo weStellies, kodwa kayikukhohliwe ukuthi kunenqwaba yabadlali bayo abaphelelwa yizinkontileka okufanele izelule. Ibisematasa nodaba lwenkontileka yomqeqeshi, uManqoba Mngqithi ogcine enikwe eyeminyaka emine.
“Njengamanje ihlela ukwelula inkontileka kaMvala nekaMudau. UMvala uzimisele vele ngokuhlala, kanti uMudau ikabili indaba yakhe njengoba efunwa yinqwaba yamakilabhu ase-Europe, kubalwa ngisho nedlala kwi-English Premiership imbala,” kusho umthombo waleli phephandaba oncikene neDowns.
Imizamo yokuthola uShupi Nkgadima wezokuxhumana kwiDowns iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

Previous articleUsihlalo obambile kwiComrades Marathon Association uthembisa uzinzo
Next articleAbabulali bakhuthuze izidumbu zabakhongi bashaqa imali yelobolo