I-Eskom imemezele izindaba ezimnandi ngamandla kagesi

202

BHEKI NDLOVANA

UKUSEBENZA ngokugcwele kwengxenye (Unit 5) yesiteshi esikhulu esiphehla amandla kagesi, iKusile, esiseMpumalanga, kwenze i-Eskom yamemezela izindaba zokwenyuka komthamo wamandla kagesi eNingizimu Afrika. Le nkampani ibike ngeSonto ukuthi emandleni kagesi izwe ebelinawo, sekwengezwe u-800 megawatt (MW). 

Ukuphothulwa kokwakhiwa kuka-Unit 5 weKusile, kusho ukuthi lesi siteshi sesizokhiqiza amandla kagesi awu-4 000MW. Lesi siteshi sinezingxenye eziwu-6 eziphehla ugesi, kanti sezizonke uma sezisebenza, zizokhiqiza u-4 800MW. 

UNkk Isabel Fick oyimenenja-jikelele yeSystem Operator e-Eskom, uthe u-Unit 5 ineqhaza elibalulekile kakhulu  emthamweni kagesi okhiqizwayo ezweni.

UMnu Bheki Nxumalo oyi-group executive for generation e-Eskom, utuse izisebenzi zale nkampani nosonkontileka abenze umsebenzi wokwakhiwa kuka-Unit 5.

Njengamanje kusele ingxenye eyodwa okungeyesi-6 eKusile, esakhiwa, ezokwenza ukuthi lesi siteshi sisebenze. IKusile yaqala ukwakhiwa ngo-2008, kanti uma sekuphothuliwe ukwakhiwa kwayo izoba yisiteshi sesine ngobukhulu ezweni esiphehla ugesi ngamalahle. 

bhekin@ilanganews.co.za 

Previous articleOwesifazane uzwakalise ubuhlungu “kudodiswa” abafuyi
Next articleUngqongqoshe omusha uzimisele ngokulwa “nokuthengiswa” kwezikhala zothisha