I-IEC iyazihlangula esicelweni “sokugwabula” uZuma

196

BHEKI NDLOVANA 

I-ELECTORAL Commission of South Africa (IEC) iyaqinisekisa ukuthi iyitholile incwadi esematheni ebhalwe nguMnu Jabulani Khumalo (okwesokudla esithombeni) egameni loMkhonto weSizwe Party (MKP), eyinxusa ukuba ikhiphe ikhanda likaMnu Jacob Zuma emaphepheni okuvota, futhi imesule esikhundleni sokuba ngumengameli weqembu.

Nakuba iqinisekisa ukuthi iyitholile le ncwadi – kaMnu Khumalo osanda kuxoshwa kwiMK Party –  kodwa i-IEC ivele yazihlangula. 

Igcizelele ukuthi kayizibandakanyi ezindabeni zangaphakathi emaqenjini epolitiki. Ngaphezu kwalokho, ithi ithatha kuphela umyalelo ovela kumholi weqembu obhalisiwe. Iqhube yathi kulesi simo seMK Party, uZuma nguyena mholi obhalisiwe kusukela ngomhla ka-10 kuMbasa (April) 2024. 

Previous articleUkubambezeleka kukadokotela wengqondo kuhlehlise icala lephoyisa “elabulala” intombi
Next articleIzikhulu zeChiefs zicabanga kaningi ngoDove