I-IFP ibonga ukwesekwa ngokukhothama kukaShenge

290

BHEKI NDLOVANA 

I-IFP ithi ibonga kubona bonke abayesekile ngenkathi igubuzelwe yifu elimnyama,
kukhothama uMntwana aKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, ongumsunguli waleli qembu. 

UMnu Velenkosini Hlabisa,
(osesithombeni) ongumengameli we-IFP, uthi iqembu libonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika, e-Afrika nasemhlaba wonke ngomnikelo wesikhathi sabo nangamazwi enduduzo abawadlulisele eqenjini nasemndenini wakwaButhelezi. 

“Kuseyizinsuku ezimbalwa kwedlule
emhlabeni umsunguli weqembu, uMntwana
waKwaPhindangene, yima sizoqala ukubhekana nokulahlekelwa okukhulu kangaka. 

“Sinobuhlungu ezinhliziyweni zethu, kodwa futhi sinokuthobeka ngendlela abantu baseNingizimu ne-Afrika abahlo-niphe ngayo iqhawe lase-Afrika.

“Njengoba singena esahlukweni esisha sokuphila uShenge engasekho phakathi kwethu, sinentokomalo ngesisekelo semigomo eqinileyo asishiye nayo, ukwedlulela esigabeni sesahluko esilandelayo. 

“UMntwana waKwaPhindangene usishiye nefagugu elicebileyo – uthando lwezwe, ithemba nobuholi bokuba yizisebenzi eziqotho,” kusho uHlabisa.

Uqhube wathi kube yintokozo ukuzwa amazwi ezikhathi ezimnandi abantu ababenazo noMntwana waKwaPhindangene. 

Previous articleQinisekisa “impilo” yesitho sangasese somntwana
Next articleIndodana yeBhova yeluleke abafundi ngomculo nemfundo