I-IFP iqeda ukudidenga ngobudlelwano nabasophe ukuguqisa i-ANC

337

BHEKI NDLOVANA

IGCIZELELA “ekazimele geqe” i-IFP – enengqungquthela yokudingida ngenqubomgomo yayo eqhubeka eMbizo Hall, eMpangeni – njengoba kunokudideka kwabanye abantu mayelana nesivumelwano somfelandawonye wamaqembu epolitiki ahlela ukuchitha i-ANC emandleni okubusa uhulumeni.  Njengona kunabanomcabango wokuthi mhlawumbe la maqembu okuyi-IFP, iDA, i-ActionSA, i-ACDP, iFF Plus, i-UIM, iSPN, kanye ne-Isanco, azokhankasa ngokubambisana, i-IFP ithi akunjalo, izoqhubeka nokuzimela njengeqembu.  

UMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa (osesithombeni), enkulumweni yakhe yokuvula ingqungquthela, utshele izethameli ukuthi leli qembu lizolungenela ngokuzimela ukhetho.  

“I-IFP isazimele. Sizonkakhasa sodwa (njenge-IFP) – akukho mkhankaso esizowenza ngokuhlanganyela nabanye,” kusho uHlabisa. 

Uqede ukusho lokho, kwakhala ihlombe ezethamelini. 

Uqhube wathi izinqubomgomo ezidingidwa kule ngqungquthela ngeze-IFP futhi uhlu lwezinto leli qembu elithembisa ukuzenzela abantu baseNingizimu Afrika uma linqoba ukhetho, kuzobe kungezalo ngokuzimela. 

“Wonke amavoti ayotholwa yi-IFP, kuyobe kungawe-IFP,” kusho uHlabisa. 

Echaza ngesivumelwano sokusebenzisana namanye amaqembu, uthe siyisibopho – samaqembu anombono ofanayo – esiyosebenza emuva kokhetho, ukuze kwakhiwe uhulumeni ozogudlula inhlangano ephethe uhulumeni njengamanje. Igqugquthela igoqwa kusasa ngoLwesithathu.

Previous articleBelingekho ohlwini lwamacala elikaZimdollar nezibhamu
Next articleUlahlwe yicala obhekene nelokubulawa kukaMeyiwa