I-IFP ishaya amakhala ngohlelo lwama-number plate amasha

294

BHEKI NDLOVANA

USOTSWEBHU omkhulu we-IFP eSishaya-mthetho KwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala, uthi iqembu lakhe likholwa wukuthi uhulumeni wesifundazwe udukisa abantu ngohlelo lwama-number plate amasha. 

Uthi ngokwazi kwabo, kabukho ubufakazi besayensi obesekela okushiwo wuhulumeni ukuthi la ma-number plate amasha azonqanda ubugebengu bokukhiqizwa kwawomgunyathi. 

“Siphonsa inselelo kuNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka, ukuba atshele umphakathi ukuthi buzoncishiswa kanjani ubugebengu ngokushintshwa kohlelo lwama-number plate

“Sikhathazekile nangendlela umnyango olusingathe ngayo uhlelo lokubonisana (nomphakathi) mayelana nalokhu kushintshela kula ma-number plate amasha,” kusho uGwala.  

I-IFP ikhala nangokuthi naphezu kokuba uhulumeni uthi usazoshicilela ngokusemthethweni isimemezelo mayelana nalolu hlelo ukuze umphakathi uzwakalise izimvo zawo, kodwa ithi kusobala ukuthi umnyango ususithathile isinqumo ngaphandle kokuzwa ukukhathazeka kwabantu noma umthelela wemali lolu shintsho olungase lube nawo kubanikazi bezimoto. 

I-IFP inxusa uMnu Hlomuka ukuba asibhekisise lesi sinqumo. 

“Kudingeka aqhamuke nezinye izindlela, okuhlanganisa ukubonelela noma ukunxeshezelwa kwabanikazi bezimoto abaphoqeleka ukuthenga ama-number plate amasha,” kusho uGwala. 

Ngokomnyango, uhlelo lokusebenza kwama-number plate amasha kumele luqale mhla lulunye kuZibandlela (December) nonyaka.  

Phambilini umnyango ubike ukuthi izinombolo zohlobo lwama-number plate asebenzayo njengamanje, seziqala ukuphela, okungesinye sezizathu eziphoqa ukuba kwenziwe uguquko. 

bhekin@ilanganews.co.za

www.ilanganews.co.za

Previous article“Ukwesula kukaMolefe akuhlangene nezinkinga zaseTransnet”
Next articleUmndeni usola ababeshutha isoka libulala ilungu lawo